
Arthur Greene
Amaphoyisa amahlanu abegade isihlabani sase-Nigeria somculo we-Afrobeat uBurna Boy aboshiwe ngemuva kokudutshulwa kwabesilisa ababili endaweni yobumnandi e-Lagos ezintatha ngoLwesithathu.
Ngokwemibiko yofakazi abazibonele, isiphithiphithi siqale ngesikhathi uBurna Boy, obesendaweni yezicukuthwane e-Club Cubana ebona owesifazane wase etshela unogada wakhe ogama lakhe ngu-Ibrahim ukuthi ameme owesifazane ukuthi azohlala nabo.
Kuthiwa umyeni walona wesifazane ucasulwe ukumshela kwakhe, watshela uBurna Boy ukuthi akayeke ukudelela.
Engakhathazekile, ngemuva kwemizuzu embalwa uBurna Boy, ogama lakhe langempela nguDamini Ogulu, uphinde wazama ukumema lona wesifazane kanti ngaleso sikhathi umyeni wakhe nabangani bakhe bavele bacasuka.
“Ngesikhathi izinto ziya ngokushuba, u-Ibrahim ukhiphe isibhamu sakhe wadubula amahlandla amaningi ngesikhathi uBurna Boy ehleka,” kusho iphoyisa litshela i-Punch.
U-Irebami Lawrence (27), udutshulwe emlenzeni kwathi enye indoda, ogama layo nguTolu, wadutshulwa ekhanda. Okwamanje bobalili bayalashwa esibhedlela ngenxa yokulimala.
Ngemuva kokudubula, uBurna Boy ubalekelele kwenye yezindawo zakhe.
“Ekwazi kahle akwenzile, uBurna Boy ugibele indiza ngaphandle kokwazisa ngisho amaphoyisa abemgadile. Ubashayele ucingo kuphela ngesikhathi ebazisa ukuthi usendleleni ebheke e-Spain,” kusho omunye umthombo wamaphoyisa utshela i-Punch.
Isikhulu se-Force Public Relations uMyiwa Adejobi ukuqinisekise ngeSonto ukuthi wonke amaphoyisa amahlanu abegade uBurna Boy aboshiwe kanti sekuvulwe uphenyo ngalesi sigameko.
“Umhloli-Jikelele wamaphoyisa, u-Usman Baba, ochaze izimo ezizungeze lesi sigameko njengezingakholakali, usigxeke ngamazwi aqinile lesi sigameko esingesihle,” kubhala u-Adejobi ku-Twitter.
Umthombo wesithombe: @RollingStone