Kuboshwe amalungu omndeni ngokushaya igazi lawo lashona

Dylan Bettencourt

Umfana oneminyaka engu-18 ubudala ushawe waze washona ngamalungu omndeni wakhe abemsola ngokuntshontsha isikibha.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Selvy Mohlala ukuqinisekisile ukuthi kuboshwe amalungu amathathu omndeni e-Mpumalanga mayelana necala lokubulala kanti omunye usagcwele amathafa.

Abasolwa uGladys Mashabane (51), uSkholiwe Mbuyane  (27) noSandiso Mbuyane (26) bavele eNkantolo yeMantshi yase-Kabokweni ngoMsombuluko kanti bazogqunywa esitokisini kuze kube uLwesihlanu lapho bezofaka khona isicelo sebheyili.

Umfana obulewe u-Andile Sambo obefunda ibanga lesishiyagalombili esikoleni samabanga aphezulu e-Bhekiswako. Ushaywe ngamalungu omndeni okuhlanganisa nobabekazi wakhe ngezinsolo zokugqekeza umuzi wabo antshontshe isikibha.

U-Andile kuthiwa ushaywe waze washona ngogodo nemvubu emzini wezihlobo zakhe ngase-Hazyview.

“Uphuthunyiswe emtholampilo iPhola Nsikazi ukuze athole usizo lwezempilo nokuyilapho ashonele khona,” kusho uMohlala.

UMohlala uthe isigameko senzeke ngoLwesibili olwedlule kwaqinisekiswa ukuthi umfana ushonile ngakusasa.

“UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Semakaleng Manamela usigxekile lesi sigameko futhi weluleka abazali ukuthi babe isibonelo emphakathini kunokuzithathela umthetho ngezandla,” kusho amaphoyisa ase-Mpumalanga e-SAPS.

Izihloko zakamuva