
Kamogelo Olaitan
OKlebe babophe amalungu abo amabili ngezinsolo zokuhlinzeka inyanga ngezinhlamvu zikahulumeni.
Amaphoyisa amabili, uLieutenant Colonel kanye nokaputeni osebenza emkhakheni we-supply chain management esikhungweni soKlebe babekwe amacala okweba, ukuphatha izinhlamvu kanye nokwephula umthetho.
Amaphoyisa amabili oKlebe kanye nenyanga bagqunywe ejele ngemuva kokuboshwa ngesikhathi beqhuba umshikashika wabo.
Okhulumela oKlebe uBrigadier Thandi Mbabo uthe inyanga yesifazane eneminyaka engu-43 iboshwe lapho ihlala khona e-Soshanguve.
“Ibekwe icala lokutholakala nezinhlamvu ezingekho emthethweni kanye nelokutholakala nempahla okusolakala ukuthi intshontshiwe kulandela ukushaqwa kwezinye izinto okusolakala ukuthi ngezikahulumeni,” kusho uMbabo.
UMphathi woKlebe uLieutenant General Godfrey Lebeya uzwakalise ukuphoxeka kwakhe ngezinsolo zokubandakanyeka kwamaphoyisa.
“Silindele ukuthi wonke amalungu ethu aziphathe ngendlela futhi sizoqinisekisa ukuthi abasolwa babhekana nengalo yomthetho. Sizoqhubeka nokwenza izinto ngaphandle kokwesaba noma ukuchema kungakhathalekile ukuthi labo abephula umthetho bakusiphi isimo,” kusho uLebeya.
Laba bobabili kanye nenyanga bazovela eNkantolo yeMantshi yaseNyakatho nePitoli kanye naseNkantolo yeMantshi ephakathi nendawo nePitoli ngokulandelana kwabo ngoMsombuluko.