Kuboshwe abomndeni ngecala lokubulala intombazanyana (12)

Lubhalwe nguMashudu Mabila

Kuboshwe umama, udadewabo namadodana abo e-Limpopo ngezinsolo zokubulala indodakazi (12) yalo mama ngenxa yokungabuyi ekhaya ngesikhathi.

Kusolakala ukuthi owesifazane (31) kanye nodadewabo (37) bahambe bayobheka intombazane ngoLwesithathu ngesonto eledlule ngesikhathi ingabuyi ekhaya esigodini sase-Mapayeni, e-Giyani.

Lezi zelamani kanye namadodana abo (15) bathole le ntombazanyana bayiyisa ekhaya base beshintshana ngayo ngokuyishaya.

Ngesikhathi sebeqedile ukuyishaya umama wentombazanyana uyiyalele ukuthi iyogeza wabe eseyivalela egumbini.

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo, uColonel Malesela Ledwaba uthe umama wentombazanyana ushayele amaphoyisa ucingo wabika ukuthi ufice indodakazi yakhe ingaphefumuli egumbini.

“Kube nophenyo kanti ngesikhathi amaphoyisa ehlola isidumbu athole ukuthi umufi ubenamanxeba abonakalayo,” kusho uLedwaba.

Kuvulwe icala lokubulala ladluliselwa ophikweni olubhekela udlame lwemindeni, ukuvikelwa kwezingane kanye namacala ocansi.

Lezi zelamani kanye namadoda abo amancane baye baboshwa babekwa icala lokubulala.

“Kulindeleke ukuthi abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi yase-Giyani ngoMsombuluko ngomhlaka-12 kuZibandlela kanti icala elibekwe abafana ababili lizodingidwa ngokoMthetho wezobuLungiswa  Wezingane,” kwengeza uLedwaba.

UKhomishana wamaPhoyisa esiFundazweni sase-Limpopo uLieutenant General Thembi Hadebe, uncome amaphoyisa ngophenyo lwawo oluhle kakhulu futhi unethemba lokuthi ubulungiswa buzokwenziwa.

Umthombo wesithombe: SAPS

Izihloko zakamuva