Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Kuboshwe abesifazane abathathu okuthiwa bebeqola abantu abashonelwe izihlobo zabo.
Laba besifazane abebezinze e-Tembisa nase-Kempton Park, bebejwayele ukuvakashela imindeni eshonelwe kungazelelwe bazenze abantu abasuke bezophosa esivivaneni.
Bakwenze lokhu amahlandla ayisishiyagalolunye, bebefika kumuzi oshonelwe bazenze izikhulu zasemsebenzini noma esikoleni salowo osuke eshonile ngaphambi kokubaleka nemali beshiye imindeni ikhala ezimathonsi.
NgoMsombuluko ngomhlaka-23 kuMasingana, umndeni wakwaPotse esigcemeni saseVusimuzi e-Tembisa indodakazi yawo eneminyaka eyisithupha eyashayiswa imoto nawo uzithole kulesi sigameko esifanayo.
Lona wesifazane kuthiwa ubezenza umsebenzi wesikole lapho ingane yabo ebifunda kuso.
Udadewabo wengane, uLebo, uthe: “Kufike owesifazane ogqoke kahle ekhaya ngisho nezinwele nezinzipho bekulungiswe kahle futhi ebukeka enguchwepheshe.
“Usitshele ukuthi ungumphathi woMnyango esikoleni lapho udadewethu omncane abefunda khona futhi uthunywe ukuthi asisize ngakho konke esikudingayo emngcwabeni,” kusho uLebo.
ULebo uthe umndeni awukwazanga ukusenqaba lesi sicelo. “Sambuza ukuthi angasithengela yini ukudla kwalaba abasuke bezosikhalisa.”
Kubikwa ukuthi wanyamalala nemali engu-150 kanye nomakhalekhukhwini kadadewabo wengane eshonile.
ULebo ujabule kakhulu ngezindaba zokuboshwa komsolwa.
“Ngemuva kokuthi i-Scrolla.Africa ishicilele lolu daba lwethu salufaka ezinkundleni zokuxhumana abantu abaningi basithinta ngezinkundla ezahlukene bethi babanjwe inkunzi ngendlela efanayo.”
Umndeni wakwaNdlovu uphinde waba nesivakashi sowesifazane owafika kubo ecela ukusiza umndeni ngemali namalungiselelo omngcwabo.
UDumisani Ndlovu owashonelwa ngumama wakhe, uBetty uthe owesifazane ongaziwa uthole imininingwane yabo kubangcwabi ngemuva kokutshela abasebenzi ukuthi ubesebenza nomama wakhe.
Kuthiwa wabikela umndeni wakwaNdlovu udaba olufanayo wathi uthunywe ukuthi azowusiza futhi iningi imali abazoyithola. Kuthiwa wancenga umndeni ukuthi umnike u-R8,000 owawuhloselwe izinhlelo zomngcwabo ngaphambi kokuba bonke baye enxanxatheleni yezitolo.
“Ngesikhathi sifika enxanxatheleni yezitolo ePhumlani Mall wasiphoqa ukuthi siphushe izinqola ezingenalutho ngemuva kokuthi simnike u-R8 000 wethu.”
“Sithe sisasenxanxatheleni yezitolo wasitshela ukuthi kumele afonele ozakwabo wavele wanyamalala nomakhalekhukhwini bethu ababili. Wasishiya siphukile emimoyeni phezu kokushonelwa umama wethu,” kusho uNdlovu.
Yize umndeni usuqhubekele phambili uNdlovu uthe ukuboshwa kwalaba besifazane abathathu uma kuyibo kuzobanika izimpendulo zokuthi kungani bekhethe ukubahlukumeza ngesikhathi esibuhlungu kangaka.
Abasolwa abathathu bavele eNkantolo yeMantshi yase-Tembisa ekuqaleni kwaleli sonto kanti bazophinde bavele eNkantolo ngoMsombuluko.
Esithombeni esingenhla: Owesifazane ozilile
Umthombo: Sithunyelwe