Kuboshwe abesifazane ababili ngokuzenza amaphoyisa

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

NgoLwesine kuboshwe abesifazane ababili abazenza amaphoyisa nabaqhuba umkhonyovu womsebenzi kwelinye lamahhovisi angaphakathi esiteshini samaphoyisa eDiepkloof.

Laba bobabili bakhohlise abantu ukuthi bakhokhe imali yemisebenzi yamaphoyisa mbumbulu. Bebehlela ukuthi abantu bahlangane nabo ehhovisi esiteshini samaphoyisa eDiepkloof eSoweto.

Baboshwe ngamaphoyisa kaMasipala waseGoli (JMPD) ngemuva kokulunywa indlebe ngumshayeli we-e-hailing.

Okhulumela uMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli uXolani Fihla uthe amalungu ophiko lweTactical Response Unit abophe abesifazane ababili abaneminyaka engu-50 no-55 ubudala, bezenza amaphoyisa.

“Umshayeli uqale wathinta i-JMPD ebuza mayelana nezinsolo zokuthi abantu baqashwe ngaphakathi kwa-SAPS.

“Ngesikhathi sokuqinisekisa ngemigudu esemthethweni, kwaqinisekiswa ukuthi akekho umuntu onjalo. Umshayeli utshele amaphoyisa ukuthi owesifazane othi ungukaputeni woKlebe umthintile, wathi angakwazi ukusheshisa isicelo sakhe sokuba iphoyisa uma ehlangabezana nezidingo ezithile, okuhlanganisa isitifiketi sikamatikuletsheni nezincwadi zokushayela,” kusho uFihla.

Uthe umsolwa ufune ukukhokhelwa imali engu-R8 000 kusenesikhathi wabe eseyalela umgilwa ukuba eze yedwa emaphoyiseni aseDiepkloof.

UFihla uthe ngesikhathi umgilwa efika esiteshini samaphoyisa wahlangabezwa ngabesifazane abathathu bamyisa ehhovisi.

Uthe ngemuva kwesikhashana abasolwa bathatha umgilwa bahamba ngemoto beyokhipha imali eDiepkloof Square. Amaphoyisa asondele ababopha endaweni yesigameko.

UFihla wengeze ngokuthi umsolwa wesithathu udedelwe ngemuva kokuthi ezivumele yena ukuthi ukhokhe u-R7 000 kulaba besifazane ababili.

Babhekene necala lokuzenza amaphoyisa nokufuna imali ukuze baqole abantu babathembise umsebenzi wamaphoyisa.

I-JMPD inxuse umphakathi ukuthi uhlale uqaphile futhi ubike noma yiziphi izenzo ezisolisayo noma izicelo ezingase zibonakale ziwumgunyathi, ikakhulukazi lezo eziphambeme nomthetho.

Isithombe esingenhla: Abesifazane ababili ababoshelwe ukuzenza amaphoyisa kanye nokuqola eSoweto.

Umthombo: JMPD

Izihloko zakamuva