Arthur Greene
Kuboshwe abantu abathathu edolobheni lase-India elibizwa ngokuthi i-Ahmedabad ngokwephula imigomo ye-Covid-19 njengoba benze umcimbi oseqopheleni eliphezulu ngosuku lokuzalwa kwenja yabo.
Usuku lokuzalwa lenja ebizwa ngo-Abby, ebihlanganisa iminyaka emibili ewuhlobo lwe-Pomerian, lusheshe lonakala ngesikhathi amaphoyisa ebona izithombe ezinkundleni zokuxhumana avele anikela khona.
Izelamani uChirag no-Urvish Patel kanye noDivyesh Maheria baboshwe ngamaphoyisa ngemuva kokuhlela umcimbi obize imali engu-R150,000 ngokusho kombiko.
“Ithimba lamaphoyisa ebelisesiteshini i-Nikol lithole imininingwane yokuthi uChirag Patel Alias Daago wenze umcimbi wenja yakhe u-Abby, njengoba ibihlanganisa iminyaka emibili. Kuphinde kwavela nokuthi abantu kade bengaqhelelene futhi abazange balandele imithetho ye-Covid-19,” kusho uConstable uSunil Kumar Patni ngokombiko wamaphoyisa.
“Ngemuva kokuthi ithimba lamaphoyisa lifike endaweni, abesilisa nabesifazane abaningi babonakale bezitika bezijabulisa bengazigqokile izifonyo noma bengaqhelelene. Abasolwa kade bengenayo imvume yomcimbi abawuhlelile.”
I-India yabuyisa umthetho kazwelonke oqinile, njengoba kwaqubuka igciwane elisha elibizwa ngokuthi-Omicron futhi lisabalala ngokushesha.
Okwethusayo ukuthi ngoMgqibelo sivele sanyuka isibalo sabantu asebehaqwe ileligciwane elisha le-Covid-19 e-India, okuphindwe kayisithupha kwisibalo esiqoshwe ngesonto eledlule.