Kuboshwe abebezenza amaphoyisa

Everson Luhanga

Amaphoyisa ase-Gauteng abophe iqulu labantu abasolwa ngokuba izigebengu ezizenza amaphoyisa ngenhloso yokugebenga abantu uma bephuma ebhange.

Lezi zigelekeqe ziboshwe enkabeni yedolobha laseGoli ngoLwesithathu kanti zitholwe namalambu amaphoyisa aluhlaza, umfaniswano wamaphoyisa, umfanekiso wesibhamu, nenombolo yemoto engekho emthethweni.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng uLieutenant-Colonel Mavela Masondo ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa.

UMasondo uthe abasolwa abane abaneminyaka ephakathi kuka-33 no-37 kukholakale ukuthi yibo ababambe inkunzi eGoli nase-Gauteng.

“Amaphoyisa ophiko lwe-Crime Intelligence alunywe indlebe ngabasolwa abathinteka ngokugebenga abantu abaphuma ebhange njengoba kubikwa ukuthi bebezogebenga omunye wezisulu eGoli,” kusho uLt-Col Masondo.

“Amaphoyisa kaMasipala waseGoli abeqaphile ukuze asekele ithimba ebelihlale liqaphe ngeso lokhozi abasolwa. 

Ithimba libe selibona imoto ewuhlobo lwaleyo abakade bechazelwe ngayo layilandela lisuka e-Turfontein liya enkabeni yedolobha laseGoli okuyilapho ithimba libamise khona.” Uthe omunye wabasolwa abane utholwe egqoke umfaniswano wamaphoyisa ongaphelele.

“Ngesikhathi besesha abasolwa nemoto amaphoyisa athole umfanekiso wesibhamu, i-balaclava, ijakhethi yamaphoyisa, ikepisi lamaphoyisa nevesti lokuzivikela lamaphoyisa. Olunye uphenyo luveze ukuthi imoto yohlobo lwe-Toyota Corolla ibifakwe inombolo yemoto okungeyona kanye namalambu aluhlaza kudeshibhodi,” ngokusho kwethimba.

Abasolwa baboshwe bathweswa icala lokwakha itulo lokubamba inkunzi, ukuzenza amaphoyisa nokutholakala nempahla okusolakala ukuthi intshontshiwe. Kungenzeka kube khona nezinye izinguquko ngokuhamba kwesikhathi.

UMasondo uthe kusazobhekwa ukuthi abasolwa ababandakanyeki yini kwamanye amacala anodlame enziwa esifundazweni.

Abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoLwesihlanu.

Izihloko zakamuva