Charmaine Senoni
Kuphele izinsuku ezintathu bezile ukudla benqunu, kanye nezingane zabo, njengoba bebelinde ukubuya kukaJesu uKristu.
Kodwa uJesu akazange abuye kunalokho kufike amaphoyisa angqongqoza abopha amalungu ebandla.
Lokhu kwenzeke emhlanganweni webandla obubanjelwe emzini womfundisi eSondela ngaphandle kwase-Rustenburg entshonalanga esenyakatho.
Umuntu otholwe egqoke izingubo umfundisi kuphela.
Amalungu ebandla ayisithupha, okuhlanganisa nomholi wawo wesifazane oneminyaka engu-34 aboshwe ngemuva kokuthi amalungu omphakathi ebikele amaphoyisa ngezenzo ezisolisayo ezenzeka kulo muzi.
Umfundisi uphuthunyiswe esibhedlela sabagula ngengqondo eyobhekwa ingqondo ngemuva kokuzama ukushisa umuzi ngesikhathi beboshwa.
Elinye ilungu lebandla elingathandanga ukudalulwa igama lithe lijoyine leli bandla emasontweni ambalwa edlule njengoba belifuna usizo ngokukhulekela umnyeni wakhe ogulayo.
“Angibange ngisapholisa maseko ngesikhathi umfundisi ongumakhelwane wami engimema ethembisa ukuphilisa umyeni wami.
Izingane zami ezintathu nazo zajoyina.”
Uthe izinto zaba muncu ngoLwesithathu mhla zizinye kuNhlangulana ngesikhathi benomhlangano womkhuleko wobusuku bonke.
Umfundisi ubayalele ukuthi bakhumule izingubo zabo ngoba ube nombono wokuthi uJesu Kristu usezobuya.
Lo wesifazane uthe bavalelwe endlini izinsuku ezintathu bengadlile ngaphambi kokuthi bahlengwe ngamaphoyisa ngoLwesihlanu.
“Waba nolaka kangangokuthi saze sesaba wakhiya indlu wathi asisebenzise amabhakede esikhundleni sendlu yangasese engaphandle.”
Okhulumela amaphoyisa ase-North West uBrigadier uSabata Mokgwabone uthe zonke izingane ezineminyaka ephakathi kwemine kuya kwengu-12 ubudala nazo ebezinqunu zikhishiwe endlini zayiswa kosonhlalakahle ukuze bangenelele zigcinwe kwamanye amalungu omndeni.
Abasolwa abayisithupha bagcinwe esitokisini kuze kube uMsombuluko ngomhlaka-13 kuNhlangulana futhi bazophinde bavele eNkantolo yeMantshi yase-Rustenburg ngokwephula umthetho we-contravention of the Sexual Offences
uphenyo ngalolu daba lusaqhubeka.