Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
- Kuboshwe abantu abayisithupha ePitoli ngokudayisa ama-steroids angekho emthethweni, izikhuthazi kanye nezidakamizwa ku-inthanethi.
- Amaphoyisa ashaqe izidakamizwa nezinto zikagesi ngemuva kophenyo olunzulu olubandakanya izinhlaka eziningi zomthetho.
Kuboshwe abantu abayisithupha ePitoli ngoLwesibili ngokudayisa izidakamizwa ezingekho emthethweni ku-inthanethi.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Amanda van Wyk uthe ku-inthanethi amaphoyisa avundulule ibhizinisi mbumbulu lezidakamizwa lidayisa ama-steroids, izincwadi zikadokotela, izikhuthazi nezinye izidakamizwa.
Abesilisa abathathu nabesifazane abathathu baboshwe ezindaweni ezahlukene edolobheni.
Abasolwa babhekene namacala amaningi ngaphansi komthetho i-Drugs and Drug Trafficking Act, i-Medicines and Related Substances Act, kanye ne-Counterfeit Goods Act.
“Abasolwa kubikwa ukuthi bebesebenzisa ingosi ye-inthanethi ukuze bahwebe baphinde basabalalise izidakamizwa zomkokotelo nezingekho emthethweni, nemithi, ama-steroids kanye nezikhuthazi.
“Uphenyo, obeluhlanganisa nocwaningo, luveze ukuthi le mikhiqizo iqukethe izinto ezingavumelekile.
Omunye wemikhiqizo ethengiswa ku-inthanethi ‘okushisa amafutha emzimbeni’ uqukethe i-Dimethylphenethylamine, i-isomer ye-methamphetamine (eyaziwa kakhulu ngokuthi i-crystal meth noma i-Tik),” esho.
ULieutenant Colonel van Wyk uthe amaphoyisa aphinde ashaqa inqwaba yezidakamizwa ezingekho emthethweni, ama-steroid, imithi kadokotela, izikhuthazi nezinto zikagesi.
Uthe lo msebenzi ulandela uphenyo olunzulu olwenziwa yi-SAPS National Organised Crime Investigations (OCI) Narcotics Unit, ngokwesekwa yizinhlaka eziningi zomthetho.
Abasolwa kulindeleke bavele enkantolo ngasekupheleni kwaleli sonto njengoba uphenyo lusaqhubeka.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu, uncome i-SAPS kanye nozakwabo ngokubopha llabo abafuna ukuxhaphaza indawo ye-inthanethi ukuze benze ubugebengu.
“Lo mkhankaso uthumela umyalezo ocacile wokuthi abomthetho eNingizimu Afrika ngeke bakubekezelele ukusatshalaliswa ngokungemthetho kwezidakamizwa eziyingozi. Ukuthengiswa kwezidakamizwa ezingekho emthethweni nemithi yomgunyathi kubangela usongo olukhulu empilweni nasekuphepheni komphakathi. Sisamile ekuzibophezeleni kwethu ekuhlakazeni lezi zigebengu,” kusho uMchunu.
Esithombeni esingenhla: Igumbi lokugcina lapho kutholwe khona izinhlobo ezahlukene zezidakamizwa.
Umthombo: Sithunyelwe