Kuboshwe abayisishiyagalolunye beDudula

Everson Luhanga

Amaphoyisa ase-Alexandra abophe amalungu ayisishiyagalolunye eDudula Movement ezigamekweni ezimbili ezahlukene ngoLwesithathu.

Amalungu amane eqembu elimelene nabaphuma emazweni angaphandle aboshwe ntambama enxanxatheleni yezitolo i-Pan Africa ngamacala okugebenga, kusho imithombo esiteshini samaphoyisa i-Alexandra itshela i-Scrolla.Africa.

Abanye abasolwa abahlanu baboshwe ngokuhamba kwesikhathi ngoLwesithathu ebusuku ngemuva kokuzama ukukhipha umndeni ngendluzula ekhaya lawo.

Umholi we-Alexandra Dudula Movement uSimon “Msayza” Rati ukuqinisekisile ukuthi kuboshwe amalungu ayisishiyagalolunye enhlangano yakhe.

URati uthe amalungu ale nhlangano ahlela ukuhlangana esiteshini samaphoyisa i-Alexandra ngoLwesine ekuseni ukuyofuna ukuthi bakhululwe.

Ngokusho kukaRati, amaphoyisa abophe amalungu amane eDudula ngaphandle kwenxanxathela yezitolo i-Pan Africa ngosizo lequlu labantu abaphuma emazweni angaphandle abahlala endaweni.

Ngo-7 ebusuku ngoLwesithathu kusuke isidumo ngemuva kokuthi iveni ebelithwele amalungu eDudula lime emzini womndeni waseNingizimu Afrika e-Extension 9 okuthiwa besekuphele amasonto amabili leli qembu lizama ukuwukhipha.

UHilda Mthombeni, ohlala kuleli khaya, uqinisekise kwi-Scrolla.Africa ukuthi kuboshwe amalungu amahlanu eDudula Movement.

“Amalungu eDudula afike ngeveni eligcwele impahla yasendlini eselungele ukungena emzini wethu,” kusho uMthombeni etshela i-Scrolla.Africa.

“Baqale bakhipha izimpahla zethu endlini ukuze bafake ezabo. Beze nemibhede, izihlalo, amatafula, izibuko zasendlini yangasese nakho konke okudingekayo endlini.”

Uthe sekuphele cishe amasonto amabili umndeni wakhe uhlukunyezwa ngamalungu eDudula Movement.

Amalungu amane ale nhlangano aboshwe ngesonto eledlule ngokuzama ukukhipha umndeni emzini wawo. Izingane ezihlala kulo muzi zibonakale ziphezu kwendlu zizama ukubalekela amalungu eDudula.

Ngemuva kwalesi sigameko amaphoyisa anikeze uMthombeni inombolo yocingo okumele ayishayele uma amalungu eDudula eqhamuka.

“Ngibize amaphoyisa ngokushesha kwafika abesilisa nabesifazane abebegqoke izingubo eziluhlaza babopha amalungu amahlanu,” usho kanje.

NgoLwesibili kufike amalungu eDudula Movement ezongifuna. Kodwa bengisemsebenzini futhi abangitholanga.

UMnu Themba Mashele ongomunye ohlala kulo muzi uthe umndeni usukhathele ukuhlukunyezwa. Uthe iqulu elihlomile lifike ekhaya lakhe ngoLwesine olwedlule.

“Elinye lamalungu beliphethe isibhamu esinezinhlamvu ezingu-24 kanye noqwanga ababili abangenalutho,” usho kanje.

Uthe akazi ukuthi kungani la malungu emsola yena nomndeni wakhe ngokuthi baphuma emazweni angaphandle.

“NgingowaseNingizimu Afrika. Ngazalelwa ngakhulela esigodini sase-Daniel Rabalela e-Giyani, esifundazweni sase-Limpopo.”

Izihloko zakamuva