Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Abesifazane ababili base-Eastern Cape okubikwa ukuthi badukile batholakale beshisiwe ezigamekweni ezehlukene ngezinsuku ezihlukene.
Umgilwa wokuqala, uKungawo Nyhweba (19), wase-Dikeni, utholakale eshiswe ngendlela yokuthi ubengasabonakali ngoLwesithathu elokishini lase-Joza, eMakhanda.
UKungawo, owaduka ngomhlaka-5 kuNtulikazi, wagcinwa ukubonwa enabesifazane ababili nabesilisa ababili, oyedwa wabo obeyisoka lakhe.
Omunye walaba besifazane ungumngani wentombi yesoka likaKungawo langaphambilini, onguthisha wasesikoleni samabanga aphansi. Owesibili unkosikazi kamsolwa ozibulele. Wayengumnakekeli esikoleni samabanga aphansi.
Laba besifazane ababili baholele amaphoyisa esidumbini sikaKungawo base bayaboshwa. Owayeyisoka lakhe uboshwe ngemuva kwezinsuku ezimbili, amaphoyisa abe esethola isidumbu somsolwa wesine, otholwe eshonile esigamekweni okusolakala ukuthi uzibulele.
Abesifazane ababili kanye nowayeyisoka lowesifazane obulewe bavele eNkantolo yeMantshi yase-Dikeni namuhla, lapho izakhamizi ebezithukuthele bezifuna ukuba badedelwe zizithathele umthetho ngezandla.
Abasolwa abathathu bagcinwe esitokisini.
Ilungu lomndeni lithe lagcina ukubona uKungawo ehamba nalaba besifazane ababili.
“Waphuma eyobahlangabeza. Ngalunguza efasiteleni ngabona ukuthi babehamba ngemoto yowayeyisoka likaKungawo.”
Kwesinye isigameko isidumbu esishisiwe sika-Anita Gigaba (26), sitholwe emgwaqeni owubhuqu phakathi kwase-Indwe ne-Lady Frere ngoLwesihlanu.
U-Anita selokhu aduka kusukela ngomhlaka-28 kuNhlangulana, ngemuva kokubonakala nesoka lakhe.
Umndeni wakhe ubike ukuthi ulahlekile, isidumbu sakhe sakhonjwa emakhazeni kahulumeni e-Aliwal North.
Akekho osaboshiwe ngaleli cala.
ULucas Gigaba, okhulumela umndeni ka-Anita, uchaze isihluku abasibone ngesikhathi kuhlonzwa isidumbu sakhe emakhazeni kahulumeni e-Aliwal North.
“Ngeke sikukhohlwe esikubonile. Ushiswe waba ngumlotha kusukela okhalweni kwehle.
Esithombeni ngenhla: Abesifazane ababili base-Eastern Cape izidumbu zabo ezitholwe zishisiwe ezinsukwini ezimbili zihlukene.
Umthombo: Uthunyelwe