Kuboshwe abathathu ngelokudlwengula nokuzama ukubulala 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Odade ababili abancane bakwaKariega balwe impi enzima bezama ukubalekela umdlwenguli (16) kanye nabangani bakhe ababili.

Ugogo wabo uthe abahlaseli bamkhiyele egumbini lakhe waphoqeleka ukuthi alalele amantombazanyana (11) no-(12) – ekhala ecela usizo kodwa kungekho lutho angalwenza.

Kusolwa ukuthi lesi sigameko sokuhlasela senzeke ngeSonto kusihlwa ngomhlaka-12 kuNhlolanja. NgoLwesithathu ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwesicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaKwaNobuhle, isixuku sabantu abangu-60 besibuthene ngaphandle kwenkantolo sishisa amathayi futhi siphethe nezingqwembe ezithi makwenziwe ubulungiswa.

Ngosuku lokuhlasela ngabo-17:20 intombazanyana endala iye yanquma ukuphuma iyoshaywa umoya yashiya udadewabo nogogo endlini bebukela umabonakude.

Kusolakala ukuthi ngesikhathi izihambela le ntombazanyana iye yahlangane nabalisa abathathu bayiphoqa ukuba ivule isango beyikhombe ngesibhamu.

“Bangene endlini bafuna imali nomakhalekhukhwini. Babe sebengiyalela ukuthi ngingene egumbini lami bangikhiyela,” kusho ugogo.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uye wahlala kulelo gumbi engakwazi kwenza lutho waphoqeleka ukuthi alalele ukukhala kwabazukulu bakhe.

“Ebengicabanga ngakho ngabazukulu bami nokuthi abasolwa bazobenzani. Akuphelanga sikhathi esingakanani ngaqala ukuzwa isililo sabo esibuhlungu inhliziyo yami yavele yadabuka,” kusho ugogo obebonakala ukuthi ulimele emoyeni.

Abasolwa abathathu baboshwe ngolobo busuku.

Unina wezingane uthe izingane bezimvakashele ngempelasonto kanti lesi sigameko senzeke esanda kuzishiya ekhaya.

“Inhliziyo yami ibuhlungu. Bagwaze indodakazi yami endala esiswini yacishe yalimala izinso. Indodakazi yami encane isasesibhedlela njengoba lesi silwane siyidlwengule kabuhlungu,” esho.

Njengoba manje esabela ukuphepha komndeni wakhe, uthe: “[Lowo okusolwa ukuthi umdlwengulile] kungenzeka ukuthi usemncane, kodwa ngenxa yokuziphatha kobulwane akubonise kumadodakazi ami kufanele aphathwe njengomuntu omdala enkantolo.”

NgoLwesithathu, ngemuva kwezinsuku ezintathu kwenzeke lesi sibhicongo izakhamizi ebezithukuthele zigane unwabu okuhlanganisa nomama wamantombazane bebemi ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaKwaNobuhle.

Izakhamizi zizwakalise ukuphatheka kabi ngohlelo lwezobulungiswa ngemuva kwemibiko yokuthi omunye wabasolwa (16) udedelwe ngaphansi kwemibandela yokuthi agadwe uyise njengoba kusaqhutshekwa nophenyo.

Kodwa-ke, okhulumela i-National Prosecuting Authority esifundazweni uLuxolo Tyali uthe izakhamizi zitshelwe amanga njengoba umsolwa esinqabile isicelo sakhe sebheyili.

“INkantolo yeMantshi yaKwaNobuhle kudingeke ukuthi ivalwe ngenxa yombhikisho odalwe ngezingamampunge zokuthi omunye umsolwa udedelwe ngaphansi kwesandla sabazali bakhe. Ulwazi oluqondile ukuthi belungakabhaliswa lolu daba njengoba kunophenyo obekufanele lwenziwe ngokulandela imiyalelo yomshushisi,” kusho uTyali.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu uthe umsolwa (16) uboshiwe mayelana necala lokudlwengula, elokushaya ngenhloso yokulimaza nelokugebenga indlu, kanti abasolwa ababili iminyaka yabo engaziwa baboshwe bathweswa icala lokugqekeza izindlu.

Ngokombiko we-National Prosecuting Authority umsolwa (16) uhlonzwe njengonesandla ekubulaweni kwabantu emijondolo yase-Dubai KwaNobuhle lapho okuhlaselwe kwabulawa khona owesilisa esemzini wakhe ngoMasingana kulo nyaka.

Esithombeni esingenhla: Izakhamizi zase-Kariega ezithukuthele ngaphandle kwenkantolo yeMantshi yaKwaNobuhle.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva