
Kamogelo Olaitan
Abasolwa abathathu baboshiwe bathweswa icala lokubulala uHillary Gardee.
Owesilisa (39), uboshwe ngoLwesihlanu e-Nkomazi. Kuthiwa ubezoshada ngoMgqibelo.
Abanye abasolwa ababili baboshwe e-Mbombela ngoMgqibelo.
UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni, uLieutenant-General Semakaleng Manamela uthe ngophenyo lwabo bakwazile ukuphuma nolwazi olubenza bakholwe ngokugcwele ukuthi labasolwa bayalazi icala.
“Njengoba kushiwo ngaphambili, kungenzeka kuboshwe abasolwa abaningi njengoba kuqhubeka uphenyo olunzulu ngecala lokubulala,” kusho uManamela.
Lokhu kuboshwa kuza ngemuva kokuthi uNgqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele ethembise ukuthi uzothola ababulali bakaHillary engakapheli amahora angu-72.
UHillary uduke ngomhlaka-29 kuMbasa ngemuva kokusuka emzini wakhe Kamagugu. Isidumbu sakhe sitholwe ngemuva kwezinsuku ezine endaweni engamakhilomitha angu-40 ukusuka emzini wakhe. Udutshulwe ekhanda.
Ubeyindodakazi yowayenguNobhalaJikelele we-EFF uGodrich Gardee. UHillary (28), ufihlwe ngoMgqibelo e-Mbombela.
UGodrich Gardee, manje osesebenza njengommeli, uqophe ividiyo yokuhlonipha ekhonjiswe emngcwabeni wendodakazi yakhe.
“Angikaze ngicabange emaphusheni ami ukuthi ngelinye ilanga kuyodingeka ukuthi ngimenzele amalungiselelo omngcwabo. Thina sikhukisa izingane ukuze zikwazi ukusingcwaba hhayi ukuthi sizingcwabe,” kusho uGardee kule vidiyo.
Ekhuluma emngcwabeni uCele uthe kuningi okusolwayo okungaba imbangela yalokhu kubulala.