Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Amaphoyisa ase-Tshwane athole amakhebuli ebiwe engamakhilomitha angu-1.2 angabiza u-R2 million elolini ebelimile.
Iloli labasolwa libhajwe eceleni komgwaqo uHercules, entshonalanga ne-Tshwane.
Bekunenqwaba yamakhebuli kaMasipala wase-Tshwane enqoleni engemuva kweloli, okwenze izakhamizi zasola okuthile. Bekusebusuku; ngakho baye bazibuza ukuthi kungani umasipala uthutha amakhebuli ngemoto engenaphawu lombuso ebusuku.
Bashayele amaphoyisa ucingo, kanti kungakapheli sikhathi esingakanani amaphoyisa kaMasipala wase-Tshwane ophiko lokuntshontshwa kwamakhebula kanye namaphoyisa ase-Hercules bafike endaweni yesigameko.
Isakhamuzi esingathandanga ukudalulwa igama sithe abasolwa bebengenawo ngisho namathoshi.
“Bebehamba eduze neloli bezama ukuthola ukuthi yini engase ibe inkinga besebenzisa omakhalekhukhwini njengamathoshi.
Okhulumela amaphoyisa kaMasipala wase-Tshwane, uSenior Superintendent Isaac Mahamba uthe kuboshwe abasolwa abathathu.
Uthe kutholwe amakhebuli angabiza u-R2 million.
“Ngesikhathi abasolwa bephekwa ngemibuzo abakwazanga ukuchaza ukuthi amakhebuli bawathathaphi,” esho.
ILungu leKomiti leMeya lezokuphepha komphakathi wase-Tshwane, uGrandi Theunissen uncome umphakathi kanye namaphoyisa ngomsebenzi omuhle wokubambisana.
“Ngithanda ukuhalalisela uphiko lwethu lokwebiwa kwamakhebula ngomsebenzi omuhle eliwenzile. Lezi izinsiza eziyivelakancane futhi njengomasipala ngeke sikwazi ukulahlekelwa ngale ndlela,” esho.
“Ngiyawubonga umsebenzi owenziwe izakhamizi ngokuluma amaphoyisa indlebe. Ngaphandle kwawo abasolwa bebengeke baboshwe.
Abasolwa bazovela enkantolo maduze.
Esithombeni esingenhla: Izakhamuzi ezilume amaphoyisa indlebe
Umthombo wesithombe: @City of Tshwane