Kuboshwe abasolwa ngokuthatha amavenge

Everson Luhanga

Kuboshwe abantu abathathu abebengamakhansela e-DA ngoLwesine, basolwa ngokuthola intshontsho lika-R100 000 umuntu emunye ukuze kuvotelwe lowo owayeyiMeya ye-DA kuMasipala wase-Nelson Mandela Bay.

Laba bobathathu baboshwe ithimba loKlebe elizinze e-East London eliphenya ngenkohlakalo.

Okhulumela oKlebe uKaputeni Yolisa Mgolodela uthe laba abathathu abebengamakhansela e-DA bakhokhelwe lezi zimali njengokukhombisa ukubonga ngokuvotela ukuketula umholi wabo u-Athol Trollip owayeyiMeya ngesikhathi kuvotwa.

UTrollip utshele i-Scroll.Africa ukuthi akamangalanga ukuzwa ngokuboshwa kwamakhansela amathathu e-DA futhi ubesola ukuthi kukhona imali abakhokhelwa yona.

Uthe: “Isebenza kanjalo i-ANC namanje benza into efanayo njengoba bengakwazi ukukhokhela abasebenzi babo, kodwa bahlulekile ukuthenga amanye amakhansela ukuze enze intando yabo.”

Uthe abantu abalahlekelwe ngabantu base-NMB ngoba kuke kwaba nezinxushunxushu kuMasipaka kwazise laba bobathathu basidayisile.

“Kunendawo ekhethekile esihogweni yabantu abanje.”

“Ngicabanga ukuthi ilapho bonke bazoya khona.”

Uphenyo lukaMasipala  luholele kuphenyo lwamakhansela amathathu nomkhondo  wemali engena emabhange kuMasipala. Iziphathimandla zixhumanise ama-akhawunti azo nemali engenayo nephumayo eyenziwa ngunobhala wesifunda kuMasipala.

Akuwona wodwa amakhansela abanjwe oKlebe ngalolu suku.

Owayengumqondisi wezokuhlaliswa kwabantu oneminyaka engu-60, umphathi wedolobha oneminyaka engu-57 ubudala, usomabhizinisi oneminyaka engu-41 nonkosikazi wakhe oneminyaka engu-36 nonobhala wesifunda oneminyaka engu-29 ubudala bangabanye abasolwa. 

Abaphenywa baboshwa ngalolo suku ngamacala ahlukene okubalwa awokukhwabanisa.

Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo e-Gqeberha namhlanje ngomhlaka-30 kuMandulo. 

Izihloko zakamuva