Kuboshwe abasolwa ngokushushumbisa izidakamizwa

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

OKlebe babophe abasolwa abangu-16 bashaqa nempahla yenani lika-R18.6 million ngenhloso yokuzama ukubamba elinye lamaqembu amakhulu ezidakamizwa kuleli.

Abasolwa abayingxenye yeqembu elishushumbisa isidakamizwa esibizwa nge-cocaine e-Brazil nakuleli baboshwe bonke ngoLwesibili.

Ekuseni ngovivi oKlebe babophe abasolwa abayisishiyagalombili e-Western Cape ngaphambi kokuthi abanye abayisishiyagalombili bazinikele ngokuhamba kosuku.

Lesi sigameko kube intuthuko yakamuva ophenyweni oluhlanganyelwe lwezinyanga oluqhutshwa i-Directorate for Priority Crime Investigation (Hawks), Amaphoyisa ase-Australian Federal, kanye ne-US’s Federal Bureau of Investigation (FBI).

Abasolwa bokuqala abayisishiyagalombili ababoshwe ngokuhamba kwesikhathi bavele eNkantolo yeMantshi yase-Bellville ngamacala okudayisa izidakamizwa.

Abasolwa ababoshiwe uDavid Michael Banister(52), u-Allister William Jackson(33), uMarinus van Niekerk (31), uJacobus Hendrik Slabbert(41), uMario Mark Joseph(44), uJohn Frederick Roodman(47), u-Andre Welgemoed(44) kanye no-Anthony Trevor Tarrs(44) bonke kulindeleke ukuthi babuyele eNkantolo ngomhlaka-8 kuLwezi ukuze bafake isicelo sebheyili.

Abasolwa abazinikele emaphoyiseni ngawo uLwesibili uRafiek Baderoen, uRashied Baderoen, uMichael Norman, uTenikaitis Valdas, uJaco de Kock, u-Izak Strbydom noHugh Stam.

Kulindeleke ukuthi babuyele eNkantolo mhla ziyisithupha kuZibandlela. 

Odabuka kwa-Israel, u-Ahmed Isa owaziwa nangokuthi ‘uMickey kanye nababili abadabuka e-Lithuania uDonates Jukna noJonas Zulpa basagcwele amathafa.

Ukuboshwa nokuqedwa kwezakhiwo ezisetshenziswa ekushushumbisweni kwe-cocaine sekuseduze.

Amacala abasolwa abayisishiyagalombili ahlehliselwe umhla ziyisishiyagalombili kuLwezi okuyilapho bezovela khona eNkantolo yeMantshi yasePitoli ukuze bafake isicelo sebheyili.

Okhulumela oKlebe uColonel Katlego Mogale ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa.

“Sekuhlonzwe abanye abangu-16 okuhlanganisa nesigebengu esikhulu sase-Belgium esifunwayo,” kusho uColonel Mogale. 

“Uphenyo lusaqhubeka.”

Esithombeni esingenhla: Abasolwa ngokushushumbisa izidakamizwa. 

Umthombo wesithombe: Unikeziwe

Izihloko zakamuva