Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
NgoLwesibili, amaphoyisa aseGauteng abophe abesilisa abane abasolwa ngokuqhunyiswa kwama-ATM esifundazweni.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGauteng uLieutenant-Colonel Mavela Masondo ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa.
UMasondo uthe abasolwa abane, abaneminyaka ephakathi kuka-25 no-32 ubudala baboshwe esifundeni saseKurhuleni ngoLwesibili ngomhlaka-25 kuNhlangulana ngokubandakanyeka ekuqhunyisweni kwama-ATM, ukumba izimayini okungekho emthethweni kanye nokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungagunyaziwe yiziphathimandla.
“Ukubanjwa kwabo kuholele ekushaqweni kwesibhamu esinezinhlamvu ezinhlanu, izidakamizwa nempahla eyebiwe,” usho kanje.
Kwesinye isigameko, uMasondo uthe amaphoyisa aseSoweto alandele imininingwane ngabasolwa ngikuqhumisa ama-ATM endaweni.
“Imininingwane etholakele iholele amaphoyisa emzini okutholwe kuwo imali eno-ink. Abasolwa bayaqhubeka nokuthungathwa,” kusho yena.
“Uphenyo lusaqhubeka, amaphoyisa amatasatasa ukuze athole futhi abambe bonke abathintekayo.”
Abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi khona maduze nje.
Isithombe esingenhla: Abasolwa ababoshiwe.
Umthombo: eGauteng SAPS