Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Amaphoyisa aqapha umgwaqo abesebenza ku-M1 amiswe ithimba le-ambulensi kaHulumeni eliwazise ngeFord Figo ebishayelwa budedengu phakathi kweWorcester nePaarl.
La maphoyisa ayitholile le moto ebinabantu abathathu, okuthe uma eseyisesha athola izingubo zokugqoka, izinto zokubhala, izinto zokugeza kanye nezinto ezibhalwe amagama ezitolo ezahlukene. Isamba senani sezimpahla singalinganiselwa ku-R25,000.
Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape, uCaptain Frederick van Wyk, uthe abasolwa abakwazanga ukuchaza ukuthi bazithathephi lezi zimpahla noma bakhiphe nobufakazi bokuthi bazikhokhelile.
“Ngemuva kophenyo kutholakale ukuthi laba badume ngokuntshontsha ezitolo ngenxa yamarekhodi aphambilini,” kusho uVan Wyk.
“Abasolwa abathathu, abaneminyaka ephakathi kuka-29 no-41, baboshwe bavalelwa esiteshini se-SAPS-ePaarl ngokutholakala nezimpahla okungenzeka ukuthi zebiwe.”
Isakhamuzi sendawo u-Ongezwa Matu asimangalanga ukuthi abasolwa banomlando wokweba ezitolo.
“Kunabantu abangakaze basebenze abaphila ngokuntshontsha ezitolo. Bantshontsha eWestern Cape. Ngiyajabula ukuthi baboshiwe ngoba abakwenzayo kuyicala,” kusho u-Ongezwa.
Esinye isakhamuzi, esingathandanga ukudalulwa igama, sibuze ukuthi kungani la masela aziwayo ededelwe ngemuva kokuboshwa phambilini.
“Izigebengu zinamalungelo amaningi ukwedlula abagilwa ezibantshontshelayo. Badume ngokuntshontsha ezitolo ngenxa yamarekhodi aphambilini anomlando wokweba isifunda sonke. Kungani benikezwa ibheyili kaningi?” kubuza isakhamuzi.
Esithombeni esingenhla: Amasela aboshwe uphiko oluqapha umgwaqo, atholwe nezingubo zokwebiwa zenani lika-R25 000 ePaarl.
Umthombo: Sithunyelwe