Kuboshwe abasolwa ngokubulala owayeyisilomo sokusubatha Jacques Freitag

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Ukuthungathwa kwabasolwa ngokubulala uJacques Freitag kuphele ngokuboshwa kukaRudie Lubbe noChantelle Oosthuizen ngoLwesibili ngo-10 ekuseni.

Amaphoyisa aseMpumalanga abophe laba bobabili eSabie endlini yezivakashi lapho bebecashe khona.

Bazovela maduze eNkantolo yeMantshi yasePitoli.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uBrigadier Brenda Muridili ukuqinisekisile ukuboshwa kwalaba bobabili.

ULubbe no-Oosthuizen basolwa ngokubulala owayengumsubathi wama-Olympic uJacques Freitag, isidumbu sakhe esitholwe ngomhlaka-1 kuNtulikazi ka-2024 emathuneni aseZandfontein ngemuva kokuduka ngoNhlangulana.

Imibiko iphakamisa ukuthi kungenzeka kube umbango wothando imbangela yokubulala.

UFreitag (42) utholwe enenxeba lenhlamvu kanye nezinye izibazi zokulimala. Laba babhekene namacala okubalwa kuwo elokubulala nelokwakha itulo lokubulala.

UMuridili uthe isidumbu sikaFreitag sitholwe yiSAPS Search and Rescue Team, ehlanganisa nophiko lwe-Air Wing, iWater Wing, iK9 kanye namaphoyisa endawo.

UFreitag wadlala okokuqala eNingizimu Afrika kuma-Olympics ngo-2004 futhi waqopha irekhodi lase-Afrika le-high jump lamamitha angu-2.38 ngo-2005, irekhodi elisamile nanamuhla.

Esithombeni esingenhla: URudie Lubbe noChantelle Oosthuizen baboshwe eMpumalanga.

Umthombo: Ifayela

Izihloko zakamuva