Kuboshwe abasolwa ngokubulala ikhansela le-EFF

Lubhalwe nguKhaya Ndaba

Kuboshwe abasolwa abayisikhombisa ngecala lokubulala nokuduna imoto yekhansela le-EFF uKoketso Mojatau.

Uphiko lwamaPhoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni (EMPD) lukuqinisekisile ukuthi uMoetau kusolakala ukuthi wabulawa ngomhlaka-22 kuMbasa ngoMgqibelo esigcemeni sase-Motloung e-Katlegong, isidumbu sakhe satholwa endaweni yesigameko.

Kulandela ulwazi abalutholile, i-EMPD Specialized Task Team Officers ibophe abantu abane bakuleli okuhlanganisa owesifazane oneminyaka engu-28 ubudala nabesilisa abathathu abaphakathi kweminyaka engu-17 no-28 ubudala ePhumula Park, eSesfikile endaweni yase-Alberton ngoMsombuluko.

Amaphoyisa aphinde athola nezimpahla ebezintshontshiwe endlini okubalwa ukhiye wemoto yohlobo lwe-BMW nejakhethi kalowo owabulawa.

ULt Colonel Kelebogile Thepa, okhulumela i-EMPD uthe kutholwe isibhamu esingekho emthethweni i-38 Special pistol enezinhlamvu ezimbili endlini. Ngaphezu kwalokho kutholwe omakhalekhukhwini, ama-laptop, izipikha nomsakazo wemoto, kanye nezipanela, amathayi angenashubhu, izikhwama zemali nama-car jammers nokunye.

Amaphoyisa e-EMPD abikelwe umthombo othembekile ukuthi abanye abasolwa abadubule ikhansela babonakale e-Vosloorus. Amalungu e-EMPD alinde abasolwa ukuthi babuyele endlini ngesikhathi impimpi ibagadile.

Abasolwa badubule bebhekise emaphoyiseni kwathi ngemuva kokudubulana kwaphinde kwabanjwa abasolwa ababili.

Umsolwa oyedwa ukwazile ukubaleka.

Izibhamu ezimbili ezingekho emthethweni nesibhamu esebiwe samaphoyisa, kanye nesikhwama semali salowo owabulawa, nomazisi wakhe (ID) namakhadi asebhange kwi-Hyundai esiliva abesetshenziswa abasolwa.

Imoto yohlobo lwe-BMW ehambisana nencazelo yemoto kalowo obulewe itholwe ishiywe ehostela lakwaNguni e-Vosloorus.

Bonke abasolwa okuhlanganisa nowesilisa oneminyaka engu-28 ubudala ongowokudabuka e-Mozambique kanye nowesilisa wakuleli oneminyaka engu-29 ubudala, baboshwe bavalelwa esiteshini samaphoyisa e-Alberton.

Kuhlelelwe ukuthi bavele eNkantolo yase-Palm Ridge.

Isithombe esingenhla: Amaphoyisa ebheka emotweni ehlaselwe

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva