Kuboshwe abasolwa ngeletulo lokubulawa kuka-AKA 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga noZukile Majova

Amaphoyisa asekuqinisekisile ukuthi ukubulawa komrepha uKiernan Jarryd Forbes, obedume ngelika-AKA kwakuyitulo elalibandakanya imali echazwa ngokuthi “encane” eyakhokhelwa ababulali.

Umsolwa oyedwa ugcwele amathafa kanti abasolwa ababili ababoshwe Eswatini basacutshungulwa ukuze babuyiselwe kuleli.

USuperMega kanye nomngani wakhe owayengumpheki odumile uTebello ‘Tibz’ Motsoane babulawa esikhathini esingangonyaka esidlule ngaphandle kwendawo yokudlela yase-Florida Road mhla ziyishumi kuNhlolanja nyakenye.

Amaphoyisa akholelwa ekutheni lo mculi osewine izindondo eziningi uyena kuphela okwakumele abulawe kanti uTibz bekungamele abulawe.

Izinkabi kwakumele zihlasela u-AKA ngesikhathi esemotweni kodwa wathatha isikhathi eside kunalokho abebesilindele, wasala ngaphandle kwesitolo sokudla ekhuluma nabangani.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uthe abasolwa bazovela enkantolo ngoLwesine.

“Ngithole imininingwane yokuthi umndeni ubikelwe. Omdala kulaba basolwa uneminyaka engu-36 ubudalala. Ngokwemali, impilo yomuntu ngeke wazi ukuthi ibiza malini. Kodwa ungacabanga ukuthi kumuntu ophakeme kangaka ungalindela ukuthi imali ibe ningi.

“Bonke bakhokhelwa imali elinganayo,” kusho uCele.

UCele uthe amaphoyisa anesiqiniseko sokuthi ababulali baka-AKA bazogwetshwa ngoba lonke uphenyo beluholwa abashushisi bombuso abeluleka umphenyi ngokuthi abuqoqe futhi abuthole kanjani ubufakazi.

UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi uthe sekuphele unyaka amaphoyisa ezingela ababulali njengoba kuboshwe owokuqala eKapa ngoMbasa nyakenye.

Uveze itulo elihlelwe kahle ladidiyelwa umuntu oyedwa. Umxhumanisi – owaziwa emhlabeni jikelele wezinkabi KwaZulu-Natal owaziwa ngomkhuzi wenkabi – uhlele izinkabi, izibhamu kanye nezimoto ezine ezasetshenziswa kulesi sigameko. Wakhokhela wonke umuntu.

UCele unikeze lesi sigebengu igama elisetshenziswa ezimbonini zamatekisi, elithi umdidiyeli. Amaphoyisa awakuchithi ukuthi umdidiyeli unikwe inkontileka ngomunye umuntu ukuthi ahlele lonke leli tulo.

Kwividiyo: ULieutenant General Nhlanhla Mkwanazi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eThekwini.

Esithombeni esingenhla: Umrepha owabulewa u-AKA.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva