Kuboshwe abasolwa abebezenza amaphoyisa mbumbulu

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Muva nje imboni yamaloli eNingizimu Afrika ibhekane nezikhathi ezinzima.

Njengoba amaloli ehlaselwa futhi eshiswa, ukubona amaphoyisa emgwaqeni kunikeza ukuphepha kubashayeli. Kodwa amanye “amaphoyisa” angabakhohlisi futhi ukuwethemba kungaholela enkingeni.

NgoLwesihlanu oKlebe babophe abasolwa ababili abebehlasela amaloli.

Begqoke umfaniswano wamaphoyisa omgwaqo ase-Gauteng, laba ababili bazame ukuvimba amaloli. Kodwa iziphathimandla bezibalandela ngemuva.

Laba ababili bese bevele benze isivimbamgwaqo ngesikhathi beboshwa.

Babanjwe nezikhali ezingekho emthethweni, ama-jammers, amalambu aluhlaza, izinombolo zamanga zikahulumeni, nezinye izingubo zomgwaqo.

Kukholakala ukuthi yibo abaduna amaloli amaningi endaweni.

Umshayeli wezimoto uKagiso Madubanya uthe ukujahwa kwemoto okuholele ekuboshweni kwabasolwa kufana nesigameko sefilimu.

Uthe kuyathusa, akekho obazi ukuthi kwenzakalani.

“Bekuyimoto yamaphoyisa ebijaha enye imoto yamaphoyisa. Ngize ngacabanga ukuthi aphuthuma endaweni yesigameko ngoba bekungamaphoyisa – kodwa ngibe sengizwa ukuthi amanye ‘amaphoyisa’ mbumbulu,” esho.

Okhulumela oKlebe e-Gauteng, uColonel Philani Nkwalase uthe umkhankaso wenziwe kulandela imibiko yokudunwa kwamaloli e-Gauteng.

“Uphenyo olunzulu lwethimba lezinhlaka ezahlukene belisezithendeni zamaphoyisa mbumbulu ase-Gauteng abandakanyeka esigamekweni sokudunwa kwamaloli e-Gauteng,” esho.

Uthe abasolwa ababili bebeduna amaloli ngesikhathi behlola izimoto begqoke imifaniswano yamaphoyisa omgwaqo.

“Bazamile ukubalekela ukuboshwa kodwa ithimba lamaphoyisa elihlangene likwazile ukuma lababamba,” usho kanje.

Laba bobabili kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yasePitoli ngoMsombuluko.

Esithombeni esingenhla: Ezinye zezimpahla ezitholwe ngesikhathi kuboshwa abasolwa ababili abebezenza amaphoyisa 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva