Everson Luhanga
Amaphoyisa ase-Diepsloot abophe abasolwa abangu-14 mayelana nokubulawa ngesihluku kuka-Elvis Nyathi mhla ziyisikhombisa kuMbasa kanti lokhu kwenze umndeni wakhe wakhululeka emoyeni.
Ngokusho kwe-National Prosecuting Authority (i-NPA) abasolwa abayisikhombisa bathweswe amacala okubulala, ukuzama ukubulala nokugebenga. Abanye abayisikhombisa badedelwe ngenxa yokushoda kobufakazi obubahlanganisa necala.
UNyathi odabuka ezweni lase-Zimbabwe wakhishwa endlini yakhe washaywa wafakwa ithayi waphinde washiswa ephila iqulu elilwisana nabantu abaqhamuka emazweni angaphandle.
Umfowabo uGodknows Nyathi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umndeni uyakwamukela ukuboshwa kwabasolwa futhi unethemba lokuthi ubulungiswa buzokwenzeka.
“U-Elvis ubengeyona inkinga emphakathini, kodwa washona kabuhlungu ngesikhathi bemshisa ephila,” kuchaza umfowabo.
Abesilisa abayisikhombisa o eNkantolo yeMantshi yase-Randburg ngoLwesibili ngomhlaka-19 kuMbasa ngonyaka ka-2022 ngokusho kukaPhindi Mjonondwane okhulumela i-NPA esifundeni sase-Gauteng. Bebebhekene namacala okubulala, ukuzama ukubulala, ukuthumba, amane okushaya, i-GBH, ukubamba inkunzi besebenzisa isihluku kanye nokuhlukumeza.
“Amacala amayelana nokushona kuka-Elvis Nyathi owashaywa washiswa ephila waze washona e-Diepsloot mhla ziyisikhombisa kuMbasa ngo-2022,” kusho uMjonondwane.
“Amanye amacala asukela esenzweni sokuqapha lapho kuhlaselwa abantu abaqhamuka emazweni angaphandle e-Zimbabwe behlaselwa iqembu lezakhamuzi e-Diepsloot ezibasola ngokwenza ubugebengu endaweni.”
Leli qembu kusolwa ukuthi ligebenga izisulu izimpahla zazo lifune nemali ukuze kukhululwe labo ababoshiwe.
Bonke abasolwa bagcinwe esitokisini kuze kube umhlaka-22 kuMbasa ngo-2022 ukuze bathole ummeli ozobamela.
I-Diepsloot inyakaze ngombhikisho onodlame wezinsuku ezimbili ngemuva kwesibhicongo sokubulawa kwabantu abayisikhombisa elokishini elisenyakatho ne-Goli. Izakhamuzi bezifuna ukubonakala kwamaphoyisa endaweni.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele, uNgqongqoshe wezaseKhaya uDkt Aaron Motsoaledi kanye noNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi uFaith Mazibuko bavakashele leli lokishi bathembisa ukwanda kokubonakala kwabomthetho okuhlanganisa namaphoyisa engeziwe, izimoto zamaphoyisa kanye nezikhulu zoMnyango wezaseKhaya.
Amaphoyisa aphinde aletha ithimba le-Tactical Response Team kanye nabaseshi abengeziwe.
UNyathi obesebenza engadini e-Goli e-Fourways ungcwatshwe ngoMgqibelo odlule edolobheni lakubo kwa-Bulawayo e-Zimbabwe.
Ushiye unkosikazi wakhe nezingane ezine.