Kuboshwe abasolwa ababili ngomthunzi wezinkukhu ongabiza u-R4-million

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Amaphoyisa omgwaqo eWestern Cape abophe abasolwa ababili ashaqa umthunzi wezinkukhu nezimpahla zomgunyathi eLaingsburg eWestern Cape ngoLwesibili.

“Amaphoyisa abambe imoto ebithwele izikhwama ezingu-42 zomthunzi wezinkukhu ezinesisindo samathani amabili futhi ezingabiza imali elinganiselwa ku-R4-million,” kusho uNgqongqoshe wezokuThuthaeWestern Cape, uRicardo Mackenzie. 

Isakhamuzi esingathandanga ukudalulwa igama sincome umsebenzi owenziwe ngamaphoyisa.

“Ukube izakhamuzi zidlala indima yazo zibike abadayisi bezidakamizwa, ngabe asilwi impi esihluleka ukuyinqoba. Inselelo manje ukuthi bayaboshwa baphinde baphume baqhubeke nokudayisa izidakamizwa.”

Uthe izidakamizwa ziyimbangela yokwanda kobugebengu futhi abantu bezidakamizwa abakusabi ukubulala abantu.

“Ngiyabazi abantu abalahlekelwe amalungu emindeni wabo ngenxa yezidakamizwa, kumele siqale sibabike emaphoyiseni lokhu asikwenzeli amaphoyisa kodwa sikwenzela thina.”

Isithombe esingenhla: Ithimba lamaphoyisa omgwaqo eWestern Cape elibophe abantu ababili abatholakale nomthunzi wezinkukhu ongakinganiselwa ku-R4-million, kanye nokudayisa izimpahla zomgunyathi.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva