Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata
Amaphoyisa agcine ephumelele empini yawo yezinyanga yokulwa nokuhlaselwa kwamabhasini akwa-Intercape e-Eastern Cape.
Kuboshwe abasolwa ababili mayelana nezigameko zodlame lapho okuhlaselwa khona abagibeli ngokubanjwa inkunzi, ukushaywa kanye nokusatshiswa kuso sonke isifundazwe.
Ngokusho kukaBrigadier Tembinkosi Kinana wakwa-SAPS e-Eastern Cape abasolwa abaneminyaka engu-26 no-37 ubudala baboshwe ngemuva kwezinsolo zokushaya nokugebenga isiteshi sikaphethiloli e-Cofimvaba.
Ukuhlasela kwesibili okwenzeke phakathi kwe-Tsomo ne-Ngqamakwe kuholele ekutheni kube nokubanjwa inkunzi nokushaywa kwabantu. Abasolwa bebengakadalulwa amagama abo kanti bazovela enkantolo ngasekupheleni kwaleli sonto.
Inkampani yamabhasi i-Intercape ibilokhu inxusa iziphathimandla zezokuthutha kanye namaphoyisa ukuthi balusukumele ngokushesha udlame olubhekiswe emabhasini, kubasebenzi kanye nabagibeli bayo.
Angaphezu kuka-160 amacala avulwe yile nkampani emaphoyiseni ase-Eastern Cape kusukela kuqale lezi zigameko. Le nkampani ize yamangalela uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele ngokwehluleka ukuhlinzeka ngohlelo lwezokuphepha ukuze kugwenywe ukuhlaselwa kwamabhasi.
NgoMbasa kube namacala okuhlaselwa angu-14 e-Eastern Cape ashiye abantu abathathu belimele kanti ababili bashaywe kanzima.
Amaphoyisa aphendule ngokuthumela amalungu e-Tactical Response Teams nawe-Flying Squad emigwaqeni kazwelonke ukuze agade umgwaqo ubusuku nemini njengoba okunye ukuhlasela kwenzeka ezindaweni ezingazodwa ezingenazo imizi eseduze.
UKinana uthe uphenyo lusaqhubeka ukuze kutholakale ukuthi abasolwa abaxhumene yini nezinye izigameko esifundazweni sonke.
I-Intercape ithe ukuboshwa kwalaba kuyimpumelelo enkulu ekuhlaselweni kwamabhasi futhi banethemba lokuthi kuzoholela ekuboshweni kwabanye kanye nokunciphisa isibalo sokuhlaselwa kwamabhasi abo nabagibeli.
Esithombeni esingenhla: Ibhasi lakwa-Intercape elilimele
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe