Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Kuboshwe abathathu abavela emazweni angaphandle abalinganiselwa eminyakeni engamashumi amathathu ubudala e-Bellville, eKapa ngokudayisa izimpahla zomgunyathi kanye nokukhwabanisa.
Lokhu kuboshwa kuza ngemuva komkhankaso wokukhuculula owenziwe amalungu e-SAPS, abe-Customs, i-Home Affairs kanye nabahlinzeki bemikhiqizo ehlukahlukene edumile.
Lo mkhankaso uqale ngencwadi egunyaza ukuseshwa kwenxanxathela yezitolo eseduze nerenki yamatekisi ase-Bellville.
Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape uLieutenant-Colonel Malcolm Pojie uthe ibe impumelelo imizamo yokunqanda ukudayiswa kwezimpahla zomgunyathi ngesikhathi kushaqwa izimpahla zenani lika-R5.1-million.
“Amalungu e-SAPS athole izitolo eziningi zishiywe dengwane kodwa lokhu akuzange kuvimbe ukuthi umkhankaso uqhutshwe,” kusho uPojie.
Akuzange kushaqwe izimpahla zomgunyathi kuphela, ithimba liphinde lathola inqwaba yezitifiketi zokuzalwa, zendawo yokukhosela, ezokushona kanye nezitifiketi zababaleki ezingekho emthethweni.
Amaphoyisa ashaqe isamba semali, izithombe, izincwadi zezimoto, izincwadi ezifungelwe, izitifiketi zomgunyathi nomshini wokubala imali.
“Abasolwa babhekene namacala okutholakala nezimpahla zomgunyathi kanye nokukhwabanisa,” kusho uPojie.
“Bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Bellville uma sebethweswe amacala.
Kungase kwengezwe amanye amacala njengoba kuqhubeka uphenyo lwegatsha lezentengiselwano labaseshi besifundazwe.”
UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni sase-Western Cape uLieutenant-General Thembisile Patekile uzwakalise ukubonga kumalungu ethimba ashaqe izimpahla zomgunyathi abopha nabasolwa.
UPatekile uthe izimpahla zomgunyathi zicekela phansi umnotho waphinde wakhipha isexwayiso kubanikazi bezakhiwo nabanikazi bezitolo abanolwazi ngezenzo ezingekho emthethweni emagcekeni abo ukuthi nabo bagadwe ngeso lokhozi ngamaphoyisa.
Esithombeni esingenhla: Umkhankaso wokukhuculula ubugebengu e-Bellville eKapa ube yimpumelelo kulandela ukushaqwa kwezimpahla zomgunyathi zenani lika-R5.1-million.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe