Kuboshwe abashana ngelokubulala ikhansela

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ezigamekweni ezishaqisayo umndeni wekhansela elibulewe e-Eastern Cape uthole ukuthi abasolwa ababili ababoshelwe icala lokubulala ngabashana babo.

Umphakathi waseMbhase ukhungathekile ngenxa yokulahlekelwa okudabukisayo kanye nokukhashelwa okujulile okuhambisana nesigameko.

UMzikayise Saki (45), ikhansela ebelizinikele emsebenzini walo ubegoduka ephuma endaweni yokucima ukoma ehamba nomngani wakhe wesifazane ngesikhathi behlaselwa ngesihluku.

USaki utholwe ebulewe ngezikhathi zasekuseni ngeSonto, kwathi isisulu sesifazane esingeke sidalulwe ukuthi ubani sona besidlwengulwe kuphindelelwa.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu usiqinisekisile lesi sigameko.

“Kusolakala ukuthi ngezithuba zabo-03:00 ngeSonto, uMzikayise Saki kanye nowesifazane bebesendleleni egodukayo bephuma endaweni yokucima ukoma endaweni yase-Kwarini ngesikhathi behlaselwa abasolwa ababili,” kusho uNaidu.

“USaki uklinywe waze washona ngesikhathi owesifazane eyiswa endlini ecekelwe phansi ngasenkundleni yezemidlalo futhi kusolakala ukuthi udlwenguliwe.”

Okhulumela umndeni uPatu Saki, uthe okubuhlungu kakhulu ukuthi abasolwa ababoshiwe bangabashana bakaMzikayise okwenza izinto zibe nzima.

“UMzikayise simthole eklinyiwe waminza exhaphozini lakulo muzi. Abasolwa baphinde badlwengula owesifazane,” usho kanje.

“Sibonga ukuthi abambulalanga lo wesifazane, kodwa uzoba nezibazi unomphela.”

Uthe noma ngabe abashana balahlwa icala futhi bathola udilikajele, ngeke kulethe ukuthula uma abashana bakamufi bengaphumeleli obala ukuthi bambulaleleni.

USaki uyikhansela le-ANC lesithathu ukushona kulesi sifunda ezinyangeni eziyisishiyagalolunye ezedlule.

UGift Ngqodi onguMphathi wezokuXhumana ku-ANC esifundazweni, uthe ukubulawa ngesihluku kukaSaki kuwubulwane obubi kakhulu.

“Siyakugxeka kakhulu lokhu kubulala okungenangqondo futhi sidabukile ngokulahlekelwa elinye isosha elihamba ngezinyawo emzabalazweni wokusondeza izinsiza ezanele emiphakathini yethu,” esho.

Abasolwa, okungeke badalulwe bazovela enkantolo maduze.

Esithombeni esingenhla: Kubulawe ikhansela uMzikayise Saki

 Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva