Kuboshwe abanye abasolwa ngokubandakanyeka kwelikaBester 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Kuboshwe abanye abasolwa ababili abathintekayo ecaleni likaThabo Bester ngempelasonto.

Okhulumela amaphoyisa kazwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukuthi lowo owayesebenzela i-G4S kanye nowesilisa (65) wase-Port Edward baboshiwe kanti bazovela enkantolo ngoLwesibili.

UBrigadier Mathe uthe abasolwa ababili baboshelwe izinsolo zokusiza uBester ngokweqa ejele lase-Mangaung mhla zintathu kuNhlaba nyakenye.

UBrigadier Mathe uthe abasolwa baboshwe ngempelasonto emkhankasweni wokuqondiswa kwezigwegwe owenziwa iziphathimandla eziphenya leli cala.

“Lowo owayesebenza kwa-G4S ubanjwe esemzini wakhe e-Bloemfontein ngoMgqibelo ngesikhathi owesilisa (65) eboshwa ngoLwesihlanu lapho elihlala khona e-Port Edward.

Bobabili abasolwa babhekene namacala abucayi okubalwa kuwo ukusiza isiboshwa esilahlwe icala ngokweqa esitokisini,” kusho uMathe.

Uthe amaphoyisa enza konke okusemandleni ukuthola ubulungiswa futhi ayaqhubeka nokuphenya yonke imikhondo ukuze aqinisekise ukuthi bonke abathintekayo ekweqeni kukaBester ejele bayagwetshwa.

“Ithimba lixoxisana nozakwabo base-Tanzania ukuze kuphothulwe zonke izinqubo zomthetho ezidingekayo ukuze kugwetshwe uThabo Bester oweqa ejele kanye nozakwabo kuleli,” esho.

IPhini likaKhomishana kaZwelonke wemaPhoyisa uLieutenant General Tebello Mosikili njengamanje uhola ithimba elise-Tanzania ukuyophothula izinyathelo zomthetho ezidingekayo ukuze kugwetshwe uBester kanye nabasebenzisana naye kuleli.

UKhomishana kaZwelonke wamaphoyisa uJenene Fannie Masemola ukwamukele ukubopha okwenziwe, waveza ukuthi baningi abasazoboshwa.

Izihloko zakamuva