Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Amaphoyisa ase-Eastern Cape abophe abanye abasolwa abane mayelana nesigameko sokudubula esenzeke KwaZakhele e-Gqeberha ngoMasingana.
Ukuboshwa kwakamuva kuza ngemuva kokuthi umphenyi ohola ithimba elunywe indlebe ngamalungu omphakathi mayelana nokuthi bakuphi abasolwa abane abeqa ngesikhathi kuboshwa umsolwa wokuqala e-Walmer ngasekuqaleni kukaNdasa.
Laba balisa abaneminyaka ephakathi kuka-30 no-34 ubudala baboshwe endaweni yase-Peelton ngaphandle kwase-Qonce ngoMsombuluko.
Kuthiwa amagama abo nguSiyabulela Funde (30), uLuyanda April (34), uLuzuko Tsotsi (30) kanye noSinaye Tyesi (30).
UNgqongqoshe wezokuPhepha uXolile Nqatha ushayele umphakathi wase-Peelton ihlombe ngokusebenzisana namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi abasolwa bayaboshwa.
“Manje sesicela ukuthi lonke uhlelo lwezobulungiswa lisebenzisane ukuze abasolwa bajeziswe ngempumelelo futhi bagwetshwe,” esho.
UNqatha uqhube wathi ukholwa ukuthi lokhu kuboshwa kuzosiza kakhulu ekunqandeni izigameko zokubulawa kwabantu emalokishini aseNelson Mandela Bay.
Kusolakala ukuthi abasolwa benze leli cala elinyantisayo ngosuku olugcine selaziwa ngokuthi “i-Bloody Sundays” kwizakhamizi zaselokishini lase-Gqeberha.
Abasolwa basolwa ngokugasela nokudubula abangu-11 abebehambele umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa. Bayisikhombisa abashonele endaweni yesigameko. Owesishiyagalombili ushonele esibhedlela. Ukuboshwa kwakamuva kwenza isibalo sabasolwa ababoshiwe safinyelela kwabahlanu.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uBrigadier Thembinkosi Kinana uthe abasolwa bazovela enkantolo yase-Gqeberha ngoLwesine.
Umsolwa wokuqala uMzwandile Mahambehlala oboshwe ekuqaleni kukaNdasa uzovela enkantolo lapho azofaka khona isicelo sebheyili mhla zintathu kuMbasa.
Esithombeni esingenhla: Isigameko sokudutshulwa kwabantu esenzeke ngomhlaka-29 kuMasingana Kwazakhele
Umthombo wesithombe: Anita Dangazele