Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki
Amaphoyisa ashaqe imoto emhlophe yohlobo lwe-Porsche Cayenne akholelwa ukuthi ngekaDkt Nandipha Magudumana abopha nomshayeli wayo.
Okumangazayo ukuthi amaphoyisa abophe omunye umsolwa – umsebenzi osebenzela inkampani efaka amakhamera ejele lase-Mangaung. Leli ijele elivikeleke kakhulu uBester eqa kulo nyakenye.
UMagudumana owaziwa kakhulu ngelikaDkt Nandi uthandana futhi usebenzisana nomdlwenguli waku-Facebook uThabo Bester.
Lezi zithandani ezidume kabi ziboshwe e-Tanzania ngoLwesihlanu olwedlule ngemuva kokuthi kuvele izindaba zokuthi uBester weqe ejele lase-Mangaung e-Bloemfontein.
Okhulumela amaphoyisa u-Athlenda Mathe uthe umshayeli we-Porsche Cayenne oboshiwe ngowesilisa (28).
“Kuboshwe omunye umsolwa e-Bloemfontein. Ungumsebenzi onenkontileka nenkampani efakayo ephinde inakekele amakhamera ejele lase-Mangaung.”
Amakhamera e-CCTV ejele abe inkundla enkulu ngoLwesithathu ngesikhathi amalungu ePhalamende etshela abaqondisi bakwa-G4S ngokweqa kukaBester mhla zintathu kuNhlaba nyakenye.
Ngaphambi kokuthi eqe ejele amalungu ePhalamende atshelwe ukuthi uBester wathuthelwa ku-Cell 35, okuyindawo “ebingenawo amakhamera” esitokisini sasejele nokuyinto eyenza kwaba lula ukuthi umbulali eqe engabonwanga ezinye iziboshwa.
Abaqondisi bakwa-G4S batshele iphalamende ukuthi bebengenayo ividiyo ngemuva kokuthi amakhamera abo e-CCTV engasebenzi kahle noma anqanyulwe ngosuku lokweqa kukaBester.
Ukwehluleka kohlelo lwe-CCTV kusho ukuthi abakwa-G4S abakwazanga ukulandisa ngokuthi isidumbu esishile sishushumbiswe kanjani ejele singabonwa.
Ilungu lePhalamende le-Democratic Alliance uGlynnis Breytenbach ubethukuthele.
“Kufakwe isidumbu ejele. Ubani lowo obesesitokisini? Uvelaphi? Waphuma ngaphakathi ejele lenu noma isibalo senu sasingeke siqonde. Ungene kanjani ephuma ngaphandle? Wahamba ngezinyawo, lomuntu wabulawelwa ejele, wangena ngaphakathi eseshonile? Angeke ukwazi ukuphendula noma yimuphi kule mibuzo. Ngemuva konyaka nesikhashana awazi?”
Amalungu ePhalamende aphinde ezwa ukuthi imoto engagunyaziwe yavunyelwa ukungena ejele ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuthi uBester eqe ejele.
Umqondisi we-G4S Africa wezohwebo esifundeni uCobus Groenewoud uthe: “Isaziso sithi imoto yangena esangweni i-Sally Port ngaphandle kokuhlolisiswa ngomhlaka-29 kuMbasa nyakenye.”
NgoLwesibili uyise kaDkt Nandipha uZolile Sekeleni kanye nalowo owayesebenza kwa-G4S uSenohe Matsoara bavele eNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein ngecala lokubulala, elokushisa, elokukhwabanisa kanye nelokwephula umthetho.
Esithombeni esingenhla: NgoLwesithathu kuboshwe abanye abasolwa ababili ecaleni lokweqa ejele likaThabo Bester
Umthombo wesithombe: SAPS