Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Amaphoyisa abophe amadoda amane ngemuva kokuthi umama ebukele engakwazi ukwenza lutho ngesikhathi kufika oshayasibhamu bezobulala indodana yakhe nabanye abane emjondolo waseMfuleni.
ULieutenant General Thembisile Patekile uthe lokhu kuhlasela kungase kuhlobene nokuqola abantu imali.
Amaphoyisa abophe ngokushesha kulandela ukubulawa kwamadoda amahlanu ngempelasonto esakhiweni eKapa.
Abesilisa abane kuthiwa babulale abantu abahlanu esakhiweni saseMfuleni ngeSonto ngesikhathi umama odayisa izinyawo zenkukhu ebuka ababulali bendodana yakhe.
Abasolwa, abaneminyaka ephakathi kuka-29 no-35 ubudala, babanjwe ngoLwesibili ekuseni ngabaphenyi be-Serious Violent Crime e-Western Cape.
Umama ubengaphandle kwesakhiwo sendodana yakhe ezakhiweni zaseMadikizela ngesikhathi kufika amadoda abehlomile adubula ingane yakhe nabangani bayo bashona.
Okhulumela amaphoyisa ase-Western Cape, uBrigadier Novela Potelwa, uthe bavulele abasolwa icala lokubulala nelokuba nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.
“Engxenyeni yophenyo olufanayo, uphiko lwezobunhloli luholele ithimba lapho lithole khona izibhamu ezine isibhamu esikhulu nezincane ezintathu amathathu kanye nezinhlamvu,” kusho uPotelwa.
“Izibhamu ezishaqiwe zizohlolwa ukuze kutholakale ukuthi azisetshenziswanga yini ekubulaweni kwabantu eMfuleni noma yibuphi obunye ubugebengu.”
NgoMsombuluko, isikhulu samaphoyisa eWestern Cape, uLieutenant General Thembisile Patekile, uvakashele endaweni yesigameko.
Utshele izakhamuzi ukuthi kungenzeka ukuthi ukubulawa kwabantu kuhlobene nokuqola, wathi umnikazi wesakhiwo oshonile ubenecala eNkantolo.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa.
Umthombo: Ifayela