Kuboshwe abaningi abaqhamuka emazweni angaphandle e-Krugersdorp

Zukile Majova

Uma ungowesilisa wase-Afrika oqhamuka emazweni angaphandle futhi uzinze e-Krugersdorp cishe uzozibhukhela ukulala ejele ngaphambi kokuthi kuphele impelasonto.

Kusukela ngoLwesithathu ekuseni sekuboshwe abesilisa abangaphezu kuka-120 base-Zimbabwe, i-Lesotho, i-Mozambique nase-Malawi kulandela ukudlwengulwa kwabesifazane abayisishiyagalombili ngesonto eledlule.

Akekho noyedwa kulaba besilisa oseke wahlanganiswa nobugebengu.

Yebo abesilisa kuphela abekho abesifazane, kodwa awekho ama-Asians, abekho abase-Europe, amaNdiya noma ama-Pakistan aseke baboshwa.

Futhi akunandaba ukuthi wenze ubugebengu noma cha, kodwa watholakala kule ndawo uyaboshwa.

Uma bungekho ubugebengu obungafakazelwa ngawe cishe uzobekwa icala lokungena ezweni ngokungemthetho.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa,uMnuz Bheki Cele ufuna kugxekwe abanye abantu ekubeni amaphoyisa ehlulekile ukuvikela izakhamuzi ekubulaweni nasekudlwengulweni.

UCele ufuna isizwe sihalalisele amaphoyisa ngokuphendula ngokushesha ngemuva kobugebengu obushaqisayo.

Kodwa kudlala ipolitiki  ngokusola abantu base-Afrika abaqhamuka kwamanye amazwe ngabo bonke ubugebengi obenzekayo nokuhlanganisa ukungabi namaphepha asemthethweni. 

 UCele udalule ukuthi amaphoyisa e-SAPS asheshe asabela kanjani ezigamekweni zokubulawa kwabantu abaningi ezindaweni zokucima ukoma e-Soweto naseMgungundlovu.

Usebenzise ingxoxo kamabonakude ngoMsombuluko ukukhumbuza ababukeli ngendlela amaphoyisa asabela ngayo esigamekweni sokudubulana kwabantu abaningi e-Khayelitsha eKapa ukuboshwa kwabasolwa abahlobene nokubulawa kwethaveni yase-Sweetwaters eMgungundlovu kanye nokuboshwa kwabesilisa amabili ababandakanyeka ekubulaweni kwemeya kaMasipala wase-Collins Chabane e-Limpopo.

Ukuboshwa ngokushesha kwezakhamuzi zakwamanye amazwe ezingaphezu kuka-120 e-Krugersdorp kuyingxenye yalokhi akushoyo okwenziwe amaphoyisa.

Kodwa kungani i-SAPS Crime Prevention Units kanye ne-SAPS Intelligence ingenzanga okwengeziwe ukuvimbela ukwanda kwamaqembu ezigebengu? Kungani izakhamuzi zethu ziqhubeka nokuhlaselwa?

NgoLwesibili ngemuva kwezinsuku ezinhlanu kwenziwe ubugebengu amaphoyisa abehlome eyizingovolo atheleka e-Krugersdorp nezindiza ezinophephela emhlane. Bangaphezu kuka-40 abesilisa angeniswe esitokisini ukuze kwengezwe abangu-80 ababoshwe ngempelasonto.

Bekuwumsebenzi omkhulu wokuxhumana nomphakathi.

Kodwa behlulekie ukuphendula umbuzo wangempela kungani sisukumela izinto phezulu ngoba nakhu sekwenzeke okuthize?

Izihloko zakamuva