Kuboshwe abangama-219 kwashona abayisithupha njengoba kusaqhubeka ukuphanga

Ifenisha, izinto zikagesi, omabonakude, nemishini yokuwasha ibonakale idonswa ngezinqola njengoba ukuphanga nodlame kuqhubeka eThekwini, eMgungundlovu, eMlazi e-KZN nase-Alexandra e-Gauteng.

Izikhungo zokudayisa ziphangwe ngesikhathi kuvalwe imigwaqo ngoMsombuluko ekuseni kwaphangwa ngisho nendawo yabangcwabi, kwebiwa amabhokisi omncwabo.

Ukuphanga kuyaqhubeka ngamaphoyisa aqinisekisa ukuthi bangama-219 abantu ababoshiwe e-Gauteng nase-KZN kanti abayisithupha kubikwa ukuthi bashonile.

Izihloko zakamuva