Kuboshwe abasolwa abane ngemuva kokubanjwa bekhanda ngamatshe imvu yamanzi ebhishi laseMonwabisi e-Khayelitsha ngeSonto.
Okhulumela i-SPCA, uJaco Peterse uthe iqulu labesilisa belizama ukubulala imvu yamanzi ngesikhathi beyijikijela ngamatshe amakhulu ivalelekile ingakwazi ukuphunyuka kulokhu kuhlasela, kubika i-News24.
Ngokombiko wabakwa-SPCA bathi omunye wabasolwa uthe inyanga ibanikeze u-R3 000 ukuze bahlasele lesi silwane.
Udokotela wezilwane okhona uthe imvu yamanzi ilimele ebusweni ibiyopha kakhulu emlonyeni kanti elinye lamehlo lithintekile. Imvu yamanzi ayikwazanga ukuphila njengoba amazinyo ayo abenqamuke kabuhlungu emlonyeni.
“Ukubona isimo lesi silwane ebesikuso ngesikhathi sikhishwa olwandle kwenza igazi lami labanda,” kusho iphoyisa lezilwane zasendle lakwa-SPCA, uJon Freidman.
Uthe kule minyaka engu-37 esebenza kwezenhlalakahle yezilwane zasendle ubengakaze alibone icala elinonya elinyantisayo esilwaneni esingakwazi ukuzivikela okungenzeka ukuthi besizibhukudela nje.”
Laba besilisa baboshiwe sebevulelwe amacala okuhlukumeza izilwane. Baphinde babekwa icala lokuzingela izilwane ezivikelekile ngaphandle kwemvume.
UPieterse uthe bayazama ukuthola inyanga okusolakala ukuthi yiyo ebayalele ukuthi benze lokhu.
Uma inyanga isitholakele futhi ibanjwa, “nayo izobekwa amacala.”
IPhini leMeya kanye nelungu leKomidi leMeya kuHlelo Lwezindawo Nezemvelo, u-Eddie Andrews uthe lesi ngesinye sezigameko zokuhlaselwa kwezilwane zasendle esinonya kakhulu ezikhathini zakamuva nje.
“Umuntu akakwazi ukuqonda ubuhlungu nengcindezi obekumele ibekezelelwe ilesi silwane ngesikhathi lokhu kwenzeka.
Luhlanganiswe nguMashudu Mabila
Isithombe esingenhla: Imvu yamanzi ebitakulwa ngemuva kokulimala
Umthombo wesithombe: Cape of Good Hope SPCA