Kuboshwe abane ngokubulala abantu babalahle emgqonyeni

Everson Luhanga no-Arthur Greene

Izakhamuzi zasendaweni yasemakhaya e-Leratong zivuke ngezindaba ezishaqisayo ngoLwesibili ngesikhathi kutholakala isandla somuntu silenga emgqonyeni.

Kusukela lapho, kutholwe ezinye izidumbu eziningi zidindilize emigqonyeni yaseGoli.

Kulandela uphenyo oluthathe amasonto amabili, abaseshi base-Kagiso baphume umkhankaso bethungatha abasolwa base bethola abasolwa abane, abababophe mayelana necala lokubulala isisulu sokuqala.

Okhulumela amaphoyisa ase-Kagiso, uKapteni uSolomon Sibiya, uthe isisulu esingaziwa besinqunu kanti besifakwe kudoti omnyama ngesikhathi sivundululwa ngamaphoyisa. Izandla nezinyawo beziboshiwe futhi silimele ekhanda nemihuzuko emhlane.

Izigebengu endaweni ziyaziwa ngokukhomba izisulu zazo, zibabulale, bese zifaka imizimba yazo emigqonyeni.

Ezinye zezisulu ngokusobala zishiywe ngaphandle nje kwemizi yabantu ezindaweni ezivulekile.

Abasolwa abane, abaneminyaka ephakathi kuka-19 no-32 ubudala, ababoshwe ngeSonto babizwe ngamaphoyisa “njengababulali”. 

Amaphoyisa ase-Kagiso avule idokodo lokubulala ukuze kuphenywe ngezinye izidumbu. Ngesikhathi abasolwa abane beboshelwe icala elilodwa lokubulala, uKaputeni uSibiya ukuqinisekisile ukuthi bayathinteka emacaleni afana nalawa.

Uthe sekunochungechunge lwezigameko ezifana nalezi endaweni kanti amaphoyisa azama ukuphenya ngembangela yokubulawa kwalaba.

Kodwa-ke isakhamuzi sakule ndawo uThulani Mphepo uthe kunempi ekhona phakathi kwamaqembu ezigebengu izamazama, kanti le mpi isuka ezimayini ezingasasebenzi yaze yakapakela endaweni okuhlala kuyo abantu emasontweni edlule.

“Ngiyazi iningi labantu bakule ndawo bangozamazama futhi bahlezi bebanga uthuli lwegolide. Lokhu kanye nokunye ukubulawa kwabantu abaningi nokutholakala kwezidumbu emgqonyeni noma esigangeni kungaba ukubulawa kwezigelekeqe ozamazama,” kuchaza uThulani.

Umphathi wesiteshi samaphoyisa e-Kagiso uBrigadier uThemba Maduna ubashayele ihlombe abaseshi ngophenyo lwabo oluholele ekuboshweni kwabasolwa ngempumelelo.

Izihloko zakamuva