Lubhalwe nguDoreen Mokgolo noSbongile Nonyana
- Iphoyisa lomgwaqo e-Limpopo litholwe libulewe ezintabeni ngemuva kokuduka ngesikhathi liyozivocavoca ekuseni.
- Abasolwa abane basesigodini sangakubo baboshwe ngemuva kokuthi amaphoyisa athole imoto yakhe ilaxaziwe.
Kuboshwe abantu abane okuhlanganisa nowesifazane ngemuva kokutholakala kwephoyisa lomgwaqo e-Limpopo lishonile ezintabeni.
Isikhulu samaphoyisa uMbulaheni Patrick Netshidzivhani (56) wasesigodini sase-Hamakhuvha ngase-Thohoyandou, uduke ngeSonto, ngomhlaka-12 kuMasingana eyozivocavoca ekuseni entabeni yase Khunguni..
Ngesikhathi engabuyi ekhaya, umndeni wakhe nomphakathi obukhathazekile baqale ukumthungatha.
“Uphenyo lwamaphoyisa luholele ekutheni kutholwe imoto yakhe kwaboshwa amadoda amathathu nowesifazane oyedwa abahlala kulesi sigodi. Ngemuva kokuboshwa kwabasolwa, amaphoyisa athole isidumbu sakhe entabeni,” kusho okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Limpopo, uBrigadier Hlulani Mashaba.
Imibiko yaphambilini iveza ukuthi uNetshidzivhani, obesebenza e-Mutale Traffic Station, uklinyiwe washona. Amaphoyisa alinde imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ukuqinisekisa lokhu.
Isakhamuzi sendawo u-Akani Hlungwane uthe lesi sigameko sokubulala sisabise wonke umuntu endaweni yangakubo.
“Kuyakhathaza ukuthi abasolwa batholakale becashe endaweni yangakithi – kungenzeka ukuthi bebehambele imihlangano ebibanjelwe ukusiza ukuthungathwa kukaNetshidzivhani, bakha izinhlelo zokubaleka,” esho.
“Siyawunxusa umphakathi ukuthi ungafukameli izigebengu futhi ubikele amaphoyisa uma kukhona okusolisayo.”
Abasolwa abane babhekene namacala okubulala kanti bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Mutale maduze.
UKhomishana wamaPhoyisa e-Limpopo uLieutenant General Thembi Hadebe uncome ithimba lasesiteshi samaphoyisa sase-Thohoyandou, eliholwa uBrigadier Simon Mukwevho, ngokubamba abasolwa ngokushesha.
“Sishayela ihlombe abaphenyi ngomsebenzi oncomekayo wokubamba abasolwa,” usho kanje.
Esithombeni esingenhla: Isikhulu samaphoyisa omgwaqo uMbulaheni Patrick Netshidzivhani.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
