Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa ase-Bekkersdal abophe abantu abane abaphuma e-Lesotho ngecala lokudlwengula owesifazane (22) obanike ukudla ngesikhathi bethi balambile.
Amaphoyisa asiqinisekisile lesi sigameko esenzeke ngoMgqibelo athi abasolwa abane abaneminyaka ephakathi kuka-19 no-33 babhekene necala lokudlwengula kanye nelokubamba inkunzi kuhlonyiwe.
Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Solomon Sibiya, uthe odade ababili abaneminyaka engu-22 nengu-28 bebebungaza okuthile nabangani kanye nomndeni ngesikhathi kufika abasolwa abane abangaziwa endaweni yabo becela ukudla.
Izisulu ziye zabaphakela kanti la madoda abelambile aye adla aqede ahamba.
Kodwa ngemuva nje lokhu kwenzekile, phakathi kwamabili abasolwa abane baye babuya. Kulokhu abazange bacele ukudla.
“Bafice izelamani ezintathu zilungiselela ukulala ngemuva komcimbi.
“Omunye umsolwa obehlome ngesibhamu ukhombe izisulu ngesibhamu wafuna omakhalekhukhwini, imali namakhadi asebhange ngenkani,” kusho uSibiya.
Uthe ngemuva kwalokho abasolwa babambe isisulu (22) basifaka kwelinye igumbi besikhombe ngesibhamu. Laba besilisa abane bashaye ulayini beshintshana ngokudlwengula le ntokazi.
Babe sebebaleka ngezinyawo.
“Izisulu zicele usizo komakhelwane kanti amaphoyisa nawo aye abizwa endaweni yesigameko.”
Amaphoyisa aye afike kwabe sekuqala umkhankaso wokuthungatha abasolwa.
“Iziphathimandla zilandele umkhondo oziholele ehlathini okuthiwa abasolwa babhace kulo e-Ezulwini.”
Igama lithi Ezulwini kodwa bekungasho lutho kulaba basolwa abavalelwe ekhoneni babanjwa ngamaphoyisa.
Kamuva baye bavalelwa esiteshini samaphoyisa e-Bekkersdal lapho okuvulwe khona idokodo lokugebenga endlini kanye namacala amane okudlwengula.
Abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi yase-Westonaria ngoMsombuluko.