Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Owesifazane (22) ophila nokukhubazeka ngokwengqondo uye wathunjwa waphinde wadlwengulwa iqulu lamadoda amane eDuduza, Ekurhuleni ngoLwesine.
Owesifazane odlwenguliwe ubesendleleni ebheke ekhaya ebuya kubo kwesoka lakhe ngesikhathi evinjwa abasolwa abane – abesilisa abaziyo.
Baye bamthatha bamyisa kweminye yemizi engenamuntu endaweni eyaziwa ngokufuya izimpahla ezebiwe nezigebengu zendawo.
Kuthiwa laba besilisa bamphuzise utshwala baqhubeka nokumdlwengula ubusuku bonke.
Umalume wakhe ongeke adalulwe igama ukuvikela imininingwane yesisulu, uthe umndeni uye wakhathazeka ngesikhathi ungamtholi.
Uthe ubeke wabonwa nesoka lakhe nalo eliphazamisekile ngokomqondo ekuseni.
“Isoka lakhe lisitshele ukuthi uhambe ngemuva kokucishwa kukagesi endaweni waqonda ekhaya. Ofakazi basitshele ukuthi bambonile esendleleni ebheke ekhaya.
“Simfune ebusuku bonke kodwa asimtholanga ndawo.”
Uthe lona wesifazane ufike ekhaya ekuseni edidekile, ehlukumezekile futhi izingubo zakhe zidabukile.
Ube esexoxela umndeni ngokwenzekile kuye. Umndeni uye waphuthuma wamyisa emaphoyiseni nasesibhedlela lapho okuqinisekiswe khona ukuthi udlwenguliwe.
Umalume wakhe uthe wonke umuntu endaweni uyazi ukuthi uphazamisekile ngokomqondo futhi ungumngani nawo wonke umuntu.
“Basizakale ngaye becabanga ukuthi ngeke akhumbule ukuthi kwenzekeni kuyena, futhi kumele baboshwe ngokwenza lokho,” esho.
Okhulumela amaphoyisa aseDuduza, uSayitsheni Nothando Mahlangu ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokudlwengula nokuthumba.
“Abasolwa abane baboshiwe kanti bazovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Nigel,” esho.
Isishoshovu samalungelo abantu abakhubazekile uNomasomi Limako ufuna kwenziwe ubulungiswa kulowo ohlukumezekile.
“Abesifazane abaphila nokukhubazeka ikakhulukazi abaphazamisekile emqondweni bayahlukunyezwa futhi bayadlwengulwa ngoba kukholakala ukuthi bazohluleka ukubikela amaphoyisa ngesigameko ngakho udaba ngeke luye enkantolo.
“Sizolwa kuze kuba abenzi bobubi bathola isigwebo esibafanele,” esho.
UMahlangu uthe amaphoyisa athola inqwaba yamacala obugebengu enziwa ngesikhathi sokucishwa kukagesi ikakhulukazi ebusuku njengoba izigebengu zisebenzisa ubumnyama.
“Sinxusa izakhamizi ukuthi zisebenzise izindlela zokuphepha futhi zingahambi zodwa ebusuku,” esho.