Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa abophe abasolwa abahlanu ngokuthumba omunye usomabhizinisi wase-Portugal e-Soweto.
Umnikazi we-Waltloo Butchery ungumgilwa wesibili kodwa uhlengwe amaphoyisa esikhathini esingaphansi kwesonto. Lo mlisa wathunjwa kwase kufunakala inani le mali ukuze adedelwe, kodwa ayizange ikhokhwe.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe uthe umkhankaso oholwa ngamaphoyisa ophiko olukhethekile lwe-South African Police Service (SAPS) Special Task Force (STF) uhlenge usomabhizinisi wase-Portugal ehostela laseNancefield eSoweto lapho abeboshelwe khona.
“Owesilisa ongumnikazi we-Waltloo Butchery eGoli ubethunjwe ngesonto eledlule e-South Gate. Usehlanganiswe nomndeni wakhe,” kusho uBrigadier Mathe.
UMathe uthe ngesikhathi udaba selufikile emaphoyiseni e-SAPS, kuhlanganiswe ithimba elisebenze ubusuku nemini ukuthola umgilwa ephila.
UMathe uthe ngoLwesine ntambama kuboshwe abasolwa ababili okukholakala ukuthi bangabashayeli bezimoto abathumbe umnikazi webhusha.
“Ngezithuba zabo-10:30 ebusuku ngoLwesine, ithimba lehlele ehostela laseNancefield eSoweto lapho usomabhizinisi atholakale eboshiwe egadiwe,” usho kanje.
“Kuphinde kwaboshwa omunye umsolwa ehostela, eminye imininingwane iholele ithimba emzini ose-White City, eSoweto, lapho kutholwe khona abanye abasolwa ababili. Amakhadi asebhange kanye nesikhwama semali sikamgilwa sitholwe kubo.”
Ngasekuqaleni kwaleli sonto, omunye usomabhizinisi wase-Portugal utholwe emzini ose-Soweto. Ubethunjwe ngaphandle kwebhizinisi lakhe.
UKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola, uncome amaphoyisa ngomsebenzi wawo.
UMasemola uthe kusukela ngoMasingana kuze kube yimanje, osomabhizinisi abangu-13 nabafundi okungenani abayisithupha bahlengwe ngaphandle kokuthi kukhokhwe imali.
Isithombe esingenhla: Kuboshwa umsolwa.
Umthombo: Sithunyelwe