Kuboshwe abahlanu kanti umsolwa oyedwa waseLusikisiki usagcwele amathafa

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

UKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke uJenene Fannie Masemola uthi amaphoyisa e-SAPS asathungatha umsolwa oyedwa ecaleni lokubulalwa kwabantu abaningi e-Lusikisiki.

Amaphoyisa athungatha uLwando Anthony “Abi” Shakes (31) ngemuva kokushaqa imoto yakhe e-Kokstad.

Kuboshwe abasolwa abahlanu, kanti abane bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Lusikisiki ngoLwesihlanu mayelana necala lokubulawa kwabantu abangu-18 abebehambele umcimbi emizini emibili eyakhelene esigodini saKwaNyathi, eNgobozana.

Phakathi kwabagilwa bekukhona abesifazane abangu-15 nomfana (13).

Amaphoyisa aqale amemezela ngephutha ukuthi kuboshwe bonke abasolwa ezintatha zangoLwesithathu ngemuva kokusatshalaliswa kwezithombe zabo ngabezindaba ngoLwesibili.

“Sesibophe abasolwa abathathu ezintatha [ngoLwesithathu] e-Port Shepstone; bobathathu basazovela enkantolo. Siphinde sabopha oyedwa e-East London,” kusho uMasemola.

Abathathu ababoshwe e-Port Shepstone nguBonga Hintsa (31), u-Aphiwe Ndende (25), kanye nomlisa ongaziwa okukholakala ukuthi umholi waleli qembu. Umsolwa wesine, uSongezo Vuma (20) uzinikele emaphoyiseni e-East London.

Umsolwa wesihlanu, uSiphosoxolo Myekethe, usilahlile isicelo sakhe sebheyili ngoLwesibili.

UMyekethe wadedelwa ngoshwele ngoNhlaba nyakenye ngemuva kokudonsa udilikajele ngecala lokubulala iphoyisa ngo-2002.

Kwesinye isigameko, uMasemola uphinde wakhuluma ngesigameko sakamuva sokudutshulwa kwabaqaphi abagada imfuyo esikoleni samabanga aphezulu iLugongqozo, kuQumbu. Kuboshwe umsolwa oyedwa ngalelo cala, kanti amaphoyisa atshale amahhashi ukusiza abaqaphi bomphakathi.

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu, amaPhini akhe uPolly Boshielo noCassel Mathale, kanye noKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke uJenene Fannie Masemola.

Umthombo wesithombe: @SAPS

Izihloko zakamuva