Nkosihleli Mfundisi
Umfana (16) uphakathi kwabasolwa abane ababoshelwe ukuchoba izidumbu endaweni yokucima ukoma i-Enyobeni e-Scenery Park, e-East London ngenyanga edlule.
Abasolwa abane babonwe ezithombeni zekhamera ye-CCTV okusolakala ukuthi bebekhumula abashonile ama-weave, amawashi bethatha nomakhalekhukhwini.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi kutholakale ukuthi phakathi kwezisulu ezingu-21 akekho noyedwa obenomakhalekhukhwini ngesikhathi beshona ngendlela engaqondakali endaweni yokucima ukoma ngomhlaka-26 kuNhlangulana.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa akwa-SAPS uBrigadier Thembinkosi Kinana, ukuboshwa kwalaba basolwa kuza ngemuva kophenyo oluqale ngokushesha ngemuva kokushona kwezingane ezingu-21 endaweni yokucima ukoma.
Abasolwa abathathu baboshwe ngoLwesine ngomhlaka-21 kuNtulikazi kanti oyedwa (16) uboshwe ngoLwesihlanu, bonke baboshwe bese makhaya abo e-Scenery Park.
Leli bhungu livele enkantolo ngoMsombuluko icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-30 kuNcwaba ukuze kuqhutshekwe nophenyo lwamaphoyisa.
Udedelwe ngaphansi kokunakekelwa abazali bakhe ngokomthetho we-Child Justice Act othi ingane engaphansi kweminyaka akumele ivalelwe ezitokisini zamaphoyisa.
Izimpahla ezebiwe esezitholiwe kubalwa izicathulo, ama-weave, izingubo zokugqoka namawashi ezingane ezishone ngesikhathi sesigameko.
Ngokusho kwamaphoyisa ezinye zezinto ezebiwe zihlonzwe kahle yimindeni kanti ezinye azikahlonzwa.
Abasolwa babhekene namacala okweba, ukutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe kanye nokwephula umthetho.
Amaphoyisa athi uphenyo lokuthola imbangela yokushona kwalaba bantu lusaqhubeka kanti ngesikhathi esifanele, imindeni ethintekayo izokwaziswa.