Kuboshwe ababili ngokubulawa kwabafana abatholakale becwiyiwe

Amaphoyisa ase-Gauteng asethole umkhondo ecaleni labafana ababili ababulawe e-Soweto.

UTshiamo Rabanye, oneminyaka eyisithupha noMduduzi Nqobizitha Zulu, oneminyaka emihlanu banyamalale ngeledlule bedlala emgwaqeni. Izidumbu zabo zitholwe ezindaweni ezihlukene ngosuku olulandelayo kunezitho zomzimba ezicwiyiwe kubona.

NgoLwesithathu ekuseni, owesifazane oneminyaka engu-50 ubudala kanye nomlingani wakhe oneminyaka engu-39 ubudala baboshwe babekwa icala lokubulala. Kulindeleke ukuthi bavele enkantolo ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uLieutenant Colonel Mavela Masondo, uthe ngemuva kophenyo oluqhubekile ngoLwesibili ithimba lilande abasolwa ababili ukuze baphenywe ngemibuzo.

“Izandla namakhala abo bekunqunyiwe kanti bobabili bebenqunywe uqhoqhoqho,” kusho uMasondo.

“Amaphoyisa akholelwa ukuthi laba bafana kungenzeka ukuthi babe izisulu zokubulawa ukuze kwenziwa imithi.”

Umqaphi kaMduduzi, uMapiti Shabalala utshele i-News24 ngeledlule ukuthi wagcina ukubona umfana efika ekhaya evela esikoleni.

“Wangena wadla waphuma wayodlala njengenjwayelo, kodwa ngakhathazeka ngesikhathi engabuyi ekhaya ngo-5.30 ntambama njengoba ehlezi ebuya ngesikhathi esisodwa,” kusho uShabalala.

“Udadewabo uthe ubedlala nomngani wakhe uTshiamo, kodwa ngabo-18:30 sabe sesiqala ukumbheka.

Ngesikhathi bethungatha laba bafana uShabalala wabika ukuthi badukile esiteshini samaphoyisa. NgoLwesine ekuseni, isidumbu sikaTshiamo satholwa.

Kuthe ngalolo suku amaphoyisa athola isidumbu somunye umfana egqoke izingubo abezigqokile uNqobizitha ngesikhathi enyamalala.

UShabalala uthe inhliziyo yakhe ibuhlungu.

“Kunzima, sisezinhlungwini lokhu kusilimazile kakhulu.”

Luhlanganiswe ngumbhali we-Scrolla.

Abasesithombeni esingenhla: UTshiamo Rabanye kanye noMduduzi Nqobizitha Zulu

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva