Kuboshwe ababili ngemuva kokuhlengwa kwabantu bokufika abangu-90 eGoli

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Babalelwa ku-90 abantu base-Ethiopia abangenazo izincwadi zokuba kuleli abahlengwe endaweni yaseSunnydale eGoli ngeSonto.

Ngesikhathi ethungatha umgilwa othunjiwe ukuze ahlengwe e-Benoni, amaphoyisa athole okungenani abantu base-Ethiopia abangenazo izincwadi abangu-90 bevalelwe emakamelweni. Laba bokufika kuthiwa bebegcinwe ngempoqo.

Umgilwa uthunjwe ngoLwesibili eBenoni, kwathi ngemuva nje kwalokho, kumndeni wakhe kufunwe imali engango-100 000”, ngokusho kwamaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa aseNingizimu Afrika, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe umgilwa obethunjiwe utholwe nabase-Ethiopia.

“Ithimba lezinhlaka ezehlukene eliholwa yi-STF belithungatha umgilwa obethunjiwe ukuze ahlengwe kanti baphinde bathola abantu bokufika abangenazo izincwadi abatholwe bevalelwe emakamelweni,” kusho uMathe.

Uthe uphenyo lusaqhubeka mayelana nokuthi abantu bashushumbiswa kanjani kuleli.

“Abantu base-Ethiopia bonke baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bathole usizo lwezempilo,” kwengeza uMathe.

Kuboshwe ababili abasolwa ngokushushumbisa abantu kanye nabathumbi abatholwe kule ndawo.

UMathe uthe kungenzeka babhekane namacala okuthumba nokushushumbisa abantu kanti kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge maduze.

Icala selidluliselwe kwiDirectorate for Priority Crime Investigations ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Esithombeni esingenhla: kutholwe abantu abangu-90 abebegcinwe ngaphandle kwentando yabo endaweni eseSunnydale, eGoli.

Umthombo: Sithunyelwe.

Izihloko zakamuva