Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Amaphoyisa abophe ikhansela lewadi uNaeem Patel kanye namalungu amabili e-Community Police Forum (CPF) base-Laudium entshonalanga ye-Tshwane ngokuzithathela umthetho ngezandla ngoLwesithathu.
Laba abathathu basolwa ngokuthumba, ukushaya kanye nokuntshontshela owesilisa abebemsola ngokuthatha amamitha kagesi ngeSonto.
Kodwa izakhamizi kanye ne-CPF yase-Laudium bathi amalunga wabo kanye nekhansela babangiswa ukulwa nobugebengu.
Ilungu le-CPF elingathandanga ukudalulwa igama lithe abathathu ababoshiwe kumele banconywe ngokuhlenga impilo yale ndoda.
Uthe bahlenge umsolwa esixukwini ebesithukuthele sifuna ukumbulala, ngokumsusa esixukwini ebesithukuthele bamyise emaphoyiseni.
Uthe owesilisa ubanjwe oqotsheni wavuma amacala akhe.
“Amacala ayadumaza futhi avimbela abalwa nobugebengu,” kusho ilungu le-CPF.
Ngemuva kokuboshwa kwalaba abathathu izakhamizi eziningi zihlangane esiteshini samaphoyisa sase-Laudium zicela ukuboshwa ngoba yibona abashaye lo mlisa kodwa ikhansela labo liye labacela ukuthi bahlehle.
Kodwa-ke, isakhamuzi uMaria Nyalunga usole i-CPF nekhansela ngokucwasa ngokwebala.
Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi le ndoda ibanjwe ngesikhathi isendleleni ebheke ekhaya ngeSonto ekuseni.
“Ngenxa yokuthi mnyama baye bammise bamhloma imibuzo, bamshaya baze bamphuca umakhalekhukhwini wakhe,” esho.
UNyalunga uthe uyamazi owesilisa osolwa ngokweba kodwa uthi akantshontshi.
“Bengike ngigibele itekisi naye sisuka e-Itireleng siya e-Centurion, uyindoda ehloniphekile,” esho.
I-Scrolla.Africa sixhumane namaphoyisa aseGoli ukuze aqinisekise icala, kodwa phezu kwezicelo eziningi impendulo ayizange ibebikho.
Esithombeni esingenhla: Izakhamizi zase-Laudium
Umthombo wesithombe: Yusuf-Abramjee Twitter