Lungi Langa
Amaphoyisa abophe abantu ababili mayelana nesigameko sokudubula esibulale abantu esenzeke endaweni yokucima ukoma e-Sweetwaters, e-Mgungundlovu ngoMgqibelo ebusuku.
Emahoreni ambalwa ngaphambi kokuthi izinkabi zidubule zibulale abantu abangu-15 endaweni yokucima ukoma e-East Orlando e-Soweto, abasolwa badubule babulala abantu abane endaweni yokucima ukoma iSamkelo KwaZulu-Natal.
Kusolakala ukuthi izinkabi ezimbili zingene endaweni yokucima ukoma zase zivulela ngenhlamvu. Ababili bashonele endaweni yesigameko ngesikhathi abanye ababili beshonela esibhedlela. Abanye abayisithupha basalulama esibhedlela.
UKhomishana wamaPhoyisa e-KZN uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi uqinisekise esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko ukuthi abasolwa ababili bagcinwe esitokisini samaphoyisa. UMkhwanazi uqhube wathi kungase kuboshwe abanye abantu.
Uthe amaphoyisa akwazile ukuthola imoto esetshenziswe ngesikhathi kuqhutshwa lobu bugebengu.
“Sisaqhubeka nophenyo lwethu futhi kusazoboshwa abanye ukuze sikwazi ukuthola izimpendulo ngokuthi yini eholele ekutheni badubule abantu,” kusho uMkhwanazi.
UNgqongqoshe wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi uJomo Sibiya, ukhulume esithangamini nabezindaba, ugxeke ukungabibikho kwezokuphepha emathaveni.
“Abantu bangene kulelo sango futhi akekho noyedwa ozihluphile ngokubasesha. Bapake imoto yabo base beqhubeka bayongena ethaveni ngaphandle kokuseshwa, bafike badubula abantu,” kusho uSibiya.
Ezokuphepha ezingaqinile akuyona nje inkinga ekhona kule thaveni yodwa, engeza, kodwa inkinga ekhona ezweni lonke.
“Amathaveni kumele aqinise ezokuphepha futhi abanikazi bawo kumele benze isiqiniseko sokuthi wonke umuntu uphephile.”