Kuboshwe ababili bebanjwa nezintambo zikagesi zikaR2.7-million

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amaphoyisa ashaqe amakhebuli kagesi abiza u-R2.7-million e-Pinetown, KwaZulu-Natal ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe bebesemsebenzini njenge njwayelo ngesikhathi beshaqa izintambo okusolakala ukuthi zebiwe.

“Ukuhlolwa okulawulwa umthetho okwenziwe ngamalungu e-Economic Infrastructure Task Team (EITT) sekuholele ekuboshweni kwabasolwa ababili ngemuva kokutholakala nezintambo zikagesi ezebiwe ezingabiza u-R2.7-million e-scrapyard ku-Martin Drive e-Queensmead ngoMsombuluko.”

Uthe ngesikhathi behlola indawo, amaphoyisa abone izimoto ezimbili zipake ngaphandle kwe-scrapyard kanti kuthe uma esesesha athola amakhebuli kagesi okuhlonzwe ukuthi ngawakwa-Eskom.

“Emuva kokuhluleka ukuchaza umsuka wamakhebuli, kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-37.

“Okunye ukuseshwa ngaphakathi kwendawo yokugezela kuholele ekutheni kutholwe amanye amakhebuli kagesi akwa-Prasa kanti umsolwa wesibili oneminyaka engu-39 ubudala naye uboshiwe,” kusho uNetshiunda.

Uthe bobabili abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi yase-Pinetown ngoMsombuluko.

Esithombeni esingenhla: Izintambo zikagesi ezebiwe. 

Umthombo wesithombe: SAPS

Izihloko zakamuva