Kuboshwe ababengabafundi ngemuva kokugqekeza batshontshe esikoleni ababefunda kusona

Kabelo Tlhabanelo

Ukwazi amahholo njengoba bezazi bona, abafundi abathathu bacabange ukuthi isikole sabo kulula ukusitshontshela – kodwa bebengeke bakwazi ukuzama ukuphanga noma ngabe bazamile.

Eqenjini labo bafake umfundi oyedwa ofunda lapha ukubasiza ukuba bangene egumbini lapho kugcinwa khona izinto ezibalulekile, becabanga ukuthi bazokwazi ukufinyelela kalula kulesi sikole iDr Bethuel Setai intermediate esise-Navalsig, esifundazweni sase-Bloemfontein. 

Laba bafundi abane baqgekeze esikoleni ngeSonto baqonda ngqo lapho okugcinwa khona izinto ezibalulekile, njengamakhompuyutha, nokudla kwezingane zesikole. 

Uthishomkhulu uthole umbiko ngehora le-8:30 kumakhalekhukhwini wakhe waphuthuma khona esikoleni. 

Ngesikhathi efika ubonile ukuthi kutshontshwe ama-laptop awuhlobo lwe-HP ayi-18, ukudla kwezingane zesikole kanye nenye impahla ebalulekile ebiza imali eyizi-78,000 zamarandi. 

Kubikelwe amaphoyisa ase-Navalsig kwabe sekuqalwa kubhekwa impahla etshontshiwe kanye nabasolwa ngesikhathi kuvulwa icala lokugqekezelwa. 

NgoLwesibili, amaphoyisa alunywe  indlebe mayelana nokuthi bangazitholaphi lezi zimpahla ezitshontshiwe kanye nabasolwa. Okuthuse uthishomkhulu ukuthi omunye womsolwa ufunda lapha esikoleni. 

Umthombo wamaphoyisa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bekulula ukuba bagqekeze ngoba bayasazi isikole njengoba bezazi bona. 

Amaphoyisa athe omunye umsolwa uboshwe edolobheni lase-Ipopeng ngemuva kokutholakala kwe-laptop eyodwa ngesikhathi amaphoyisa ebheka zonke indawo. 

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motantsi Makhele uqinisekisile ngecala lokuqgekeza waphinde wathi imniningwane abayitholile iholele amaphoyisa endaweni ebizwa nge-Freed Square lapho abafike bathola khona ama-laptop ayi-11 kwaboshwa abasolwa abathathu. 

“Amaphoyisa athole amanye ama-laptop amathathu abesedayiselwe umuntu othenga izinto esezindala edolobheni.”

UMakhele uthe basabheka amanye ama-laptops asele. 

Abasolwa abane cishe baneminyaka ephakathi kweyi-17 kuyela eminyakeni engama-25 kanti balindeleke ukuba bavele enkantolo yemantshi e-Bloemfontein ngamacala okutholakala nempahla etshontshiwe kanye necala lokuqgekeza. 

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant General Baile Motswenyane uxwayise abahlali ukuba abayeke ukuthenga izimpahla ezitshontshiwe ngoba nabo bazoboshwa. 

“Ngiphinde ngixwayise abathenga izimpahla ezindala ukuba baqale bacele ubufakazi obuveza ukuthi ngempela eyakhe impahla le asuke ekudayisela yona umuntu ngaphambi kokuba uyithenge,” kusho uMotswenyane. 

Izihloko zakamuva