Kubongwa unogada osindise owesifazane obezodunwa imoto  

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Unogada oyiqhawe udubule izigebengu ezintathu ebezihlomile ukuze ahlenge umshayeli wesifazane obekuzodunwa imoto yakhe e-Linbro Park, enyakatho yeGoli ngoLwesibili.

Unogada ubebukele ebuqamama ngesikhathi amadoda amathathu esondela kowesifazane obehamba ngemoto yohlobo lwe-Suzuki esiliva ngesikhathi ema erobhothini. Ngokushesha uye waba nomuzwa wokuthi kukhona okushaya amanzi.

Ngesikhathi ebona izigebengu ziqala ukuhlukumeza lona wesifazane nomgibeli wakhe, akazange ananaze.

Uphuthume endaweni yesigameko ukuyodambisa isimo – kodwa izigebengu ebezithukile zivele zamkhomba ngezibhamu.

Kodwa-ke, unogada akazange athuke; uye wakhipha esakhe isibhamu waqala ukudubula ebhekise kula madoda.

Ukwazile ukubadubula bonke abasolwa abathathu, wavimba ingozi futhi waqinisekisa ukuthi isisulu sihamba kule ndawo singenamyocu.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGoli uLieutenant Colonel Mavela Masondo ukuqinisekisile ukuthi abasolwa basindile ngesikhathi kudutshulwana nokuthi baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze.

“Bobathathu abasolwa bathole imihuzuko base bephuthunyiswa esikhungweni sezempilo esiseduzane lapho abagadwe khona amaphoyisa.

“Isisulu kanye nonogada abalimalanga kanti amaphoyisa avule icala lokubamba inkunzi kuhlonyiwe ukuze kuphenywe.”

Ngesikhathi i-Scrolla.Africa sifika endaweni yesigameko, izisulu bezisakhona endaweni yesigameko futhi bezibonakala zihlukumezekile ngenxa yalesi sigameko. Endaweni yesigameko  kutholwe isikhwama esimhlophe okukholakala ukuthi sishiywe abasolwa.

Isakhamuzi sakule ndawo uVincent Ndima uthe le mpambana-mgwaqo iyindawo yobugebengu futhi isetshenziswa kakhulu abaduna izimoto behlomile.

“Lesi akusona isigameko sokuqala ezimpambanweni zomgwaqo. Kudingeka ukuthi sibe namaphoyisa azogada yonke indawo ukuze kuqedwe bonke abantu abazulazulayo.”

Esithombeni esingenhla: Abasolwa abathathu abalimale ngesikhathi bedubulana nonogada

Umthombo wesithombe: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva