Kubonakale imbuzi ihamba iqondile ngemilenze yayo yangemuva

Imbuzi ezweni laseNdiya imangaze izakhamuzi ngesikhathi beyibona ihamba izulazula edolobheni ngemilenze yayo yangemuva.

Ividiyo efakwe ku-Twitter ikhombise ukuthi, le mbuzi ihamba iqonde cishe amamitha ayishumi.

Kusukela lapho, le mbuzi ibe yinto eheha kakhulu njengoba abantu abavela nxazonke bathuthele e-Telwara, e-Bihar ukuzobona lesi smanga.

Izimbuzi azaziwa kakhulu ngokuhamba ngemilenze yazo yangemuva, ngakho-ke le mbuzi isizakhele udumo.

Iseluleko esisodwa esihle esingasisho kule mbuzi ukuthi:

Uma ungafuni ukuba isobho, qhubeka uhambe.

Izihloko zakamuva